Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Ubuholi bakaKhongolose eKing Sabatha Dalindyebo e-Eastern Cape bunikele ngenqwaba yezipho nenkomo kuKumkani wabaThembu uBuyelekhaya Dalindyebo njengoba ehlele idili likaMkhipheni lokwamukela indodana yakhe ebiyosokwa entabeni.
Abaholi baseKSD Sub Region baqale ukutheleka eBumbane Great Palace ngoLwesithathu kumlenze wokuqala wokwamukela uMntwana Sinethemba Dalindyebo otheleke esigodlweni khona ngoLwesithathu ekuseni ebuya entabeni ukuyokwenza usiko lokusoka olubizwa ngoLwaluko.
Kulo mcimbi wangoLwesithathu oyisigaba sokuqala ubizwa ngokuthi uMojiso nalapho kuhlatshwe khona izinkomo ezimbili.
NgoLwesithathu ubuholi baseKSD bufike nenqwaba yezipho okubalwa notshwala nobuyingxenye yezipho zokuphekisa ezihanjiswa ebukhosini uma kunedili.
Kuthe ngoLwesine babuya sebelethe inkomo eyamukelwe uNdlunkulu weKumkani okunguNokwanda Dalindyebo nabomndeni.
Okhulumela abaThembu, iNkosi uThanduxolo Mtirara uthe iKumkani kuyayijabulisa ukuthi i-ANC iyabajabulisa.
“IKumkani neKumkanikazi ithi manginitshele ukuthi lento eniyenzayo ibanikeza ithemba. Nakuba ngingeke nginabe kakhulu kodwa siyabonga ngenikwenzile njengobuholi baseKSD Sub Region,” kusho uMtirara.
Ubudlelwano be-ANC eKSD neKumkani yabaThembu bebumuncu ezinyangeni ezedlule ngenxa yokungaboni ngasolinye ngemigulukudu ebiqhwaga abantu izimali zabo nebiholwa uMnuz Sakie Mareke nobezibiza ngeNkosi endaweni yeKumkani.
Kwabanokucasuka ngezigameko zokuqhwaga abantu imali kwavalwa nezikole nokwenza iKumkani yagcina isisola abanye abaholi be-ANC ukuthi babeyingxenye yemigulukudu.
USihlalo kaKhongolose e-Eastern Cape uMnuz Oscar Mabuyane waze wasabisa ngokumangalela iKumkani ngoba ethi imsola ngobugebengu angabazi.
Ngemuva kwalokho wahamba wayoxolisa kuyo iKumkani, bathelelana amanzi.