I-ANC ilobizela uMasipala wakwaNongoma 

Lubhalwe nguLungani Zungu

Izinombolo aziqambi amanga. Ngemuva kokuhlangana ne-EFF, i-ANC ivele izinto zayihambela kahle enkabeni ye-IFP kwaNongoma e-Zululand.

Lokhu kusho ukuthi umfelandawonye oholwa i-ANC usengakwazi ukuthatha izintambo zokuphatha uMasipala wakwaNongoma okokuqala ngqa emlandweni.

Konke kuqala ngesiphakamiso sokungathenjwa esimelene neMeya ye-IFP u-Albert Mncwango esihlelelwe ukuba kuleli sonto umbimbi we-EFF, i-ANC kanye ne-National Freedom Party (NFP).

Umasipala osenyakatho yeKwaZulu-Natal ubuphethwe umfelandawonye we-IFP ne-EFF ngemuva kokuthi lingabibikho iqembu elithola amavoti amaningi okhethweni lohulumeni basekhaya lwangoLwezi ngo-2021.

Njengamanje lo masipala awuphethwe muntu ngemuva kokuwa komfelandawonye we-IFP ne-EFF.

Lezi zibalo zivuna i-EFF, i-ANC kanye ne-NFP futhi ziphikisana kakhulu ne-IFP.

I-IFP inezihlalo ezingu-20, i-NFP ezingu-14, i-ANC eziyisishiyagalombili, i-EFF ezimbili kanye National People’s Front enesihlalo esisodwa.

Sekuhlangene umfelandawonye we-EFF, i-ANC kanye ne-NFP unezihlalo ezingu-24 uma kuqhathaniswa nezihlalo ezingu-20 ze-IFP mhlawumbe nesihlalo esisodwa se-NPF okungenzeka ithathe uhlangothi lwe-IFP.

Indlela imeya uMncwango angasinda ngayo kuzoba ukuthi amanye amakhansela e-EFF, e-ANC noma awe-NFP engahambisani nalo mfelandawonye avote ephikisa isiphakamiso.

Umasipala wakwaNongoma ungomunye womasipala abangu-29 abaphethwe i-IFP KwaZulu-Natal. Kulaba abayishumi kungenzeka bathathwe i-ANC kulandela ukubhidlika komfelandawonye we-IFP ne-EFF.

UNongoma ungaphansi kukaMasipala wesiFunda sase-Zululand uzishaya isifuba ngoxhaxha lwezindawo eziheha izivakashi okuhlanganisa nezigodlo eziyisithupha zobukhosi – yingakho unesiteketiso esithi –  uMasipala weNdlunkulu yeSizwe samaZulu noma Ihlalankosi.

I-IFP ingase ilahlekelwe yiwo wonke amalungelo kahulumeni kulesi sifunda esinothe ngomlando.

Esithombeni esingenhla: IMeya ye-IFP kwaNongoma uMnu Albert Mncwango

Umthombo wesithombe: Isizindalwazi sikaMasipala wakwaNongoma

Izihloko zakamuva