I-ANC ilinde amagama amathathu kweseMeya yeTheku

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

I-African National Congrees (ANC) KwaZulu-Natal ithi isazokhetha emagameni amathathu azolethwa ebuholini ukuze kuqokwe ongaba iMeya yaseThekwini. 

Lokhu kuvezwe umkhulumeli kaKhongolose esifundazweni, uMnuz Mafika Mndebele, obephawula ngamahlebezi athi kungenzeka kuqokwe owayenguNgqongqoshe wezoLimo kuso lesi sifundazwe uMnuz Cyril Xaba.

“Okwamanje i-ANC ayikasithathi isinqumo sokuthi ubani ezomjuba eThekwini ayongenela ukuba yimeya. Kunohlelo esisebenza ngalo lokuthi inhlangano yamukela amagama amathathu abantu abasuke bezokwenza inhlolokhono yangaphakathi. Yilapho-ke okuqokwa khona ongahle abeyimeya. Ngakho leyo kaXaba asiyazi,” kusho uMndebele.

UXaba wayekewasikazwa ngesikhundla sokuba iMeya yeTheku ngo-2011 ngemuva kokuphuma kukaMnuz Obed Mlaba. 

Ngaleso sikhathi uKhongolose wawufuna ukumjuba noDkt Makhosi Khoza, yena owayezokwenziwa iMenenja kamasipala. 

Nokho kwabuye kwaqokwa uMnuz James Nxumalo kwesobuMeya.

UXaba kuthe ngo-2016 waxoshwa esikhundleni sokuba uNgqongqoshe wezoLimo ngemuva kokuthi ithimba lakhe kuKhongolose elalihamba noMnuz Sihle Zikalala lehlulwa engqungqutheleni yesifundazwe.

UXaba waxoshwa engazelele esangena etendeni ezokwethula izinhlelo zentuthuko emphakathini waseMaqonqo eMgungundlovu. 

Ukuvela kwegama lakhe ukuba ajutshwe eThekwini kwenzeke ngesonto eledlule ngesikhathi kumenyezelwa ukuthi i-ANC isiyamchitha uMeya uMxolisi Kaunda kodwa isimjuba eMkhandlwini weziFundazwe eKapa.

UKaunda ubize isithangami sabezindaba esiputhumayo ezochaza ngalesi sinqumo.

Uveze ukuthi ubuholi bakhe bukwazile ukusebenza yize bufike ngesikhathi sezinkinga ezinkulu okubalwa i-Covid-19 nezibhelu zokulutha izitolo.

Kumanje i-ANC iphethe iTheku ngokubambisana namaqembu amancane.

Izihloko zakamuva