I-ANC ilahlekelwe ngowaseNelson Mandela Bay

Everson Luhanga

UMkhandlu waseNelson Mandela Bay usukhiphe ikhansela le-ANC u-Eugene Johnson esikhundleni sokuba yimeya yawo.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi lowo obeyimeya elahlekelwe isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe ngoLwesithathu ngamavoti angu-62 kwangu-58.

Ezigamekweni ezishubile ngaphakathi emahhovisi omkhandlu, iqembu lamakhansela e-ANC kanye nawe-EFF libonakale kwividiyo efakwe ezinkundleni zokuxhumana bebanga ibhokisi lokuvota.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa ikhansela le-DA esigcemeni sesibili uRenaldo Gouws, uthe ngemuva kokuthi umfelandawonye we-ANC/EFF bebona ukuthi bayahlulwa, bazame ukuntshontsha ibhokisi lokuvota babaleke nalo ngaphambi kokuthi kubalwe amavoti.

“Bawumdlavuza omubi entandweni yethu yeningi,” kuphawula uGouws.

Esithombeni esithunyelwe ku-Scrolla.Africa, ibhokisi lokuvota libonakala lilele phansi lidabukile. Lokhu kwenzeke ngemuva kokuhilizisana ngebhokisi phakathi kwethimba le-ANC/EFF namalungu e-DA.

UGouws uthe amavoti ayimfihlo aye afakwa.

“Ngaphambi kokuthi kuqale ukubalwa i-ANC/EFF isondele ebhokisini lokuvota. Abantu bagxume bezama ukubavimba ukuthi bangalithathi. Kube nengxabano phakathi kwamakhansela kodwa ngokushesha isimo siye sadamba amavoti abalwa ngokuthula,” esho.

Ukuvotela imeya entsha kuqale phansi ngemuva kwaleso sigameko.

Ememezela imiphumela, uSomlomo woMkhandlu waseNelson Mandela Bay uGary van Niekerk, uthe ezihlalweni ezingu-120, amakhansela angu-62 avotele ukuthi uJohnson akhishwe ngesikhathi angu-58 avotele ukuphikisa lesi siphakamiso.

Kuqhume umkikizo nokushaywa kwezandla emabhentshini e-DA nakwamanye amaqembu amancane ngesikhathi kumenyezelwa imiphumela yokugcina.

Amaqembu asebenzisana ne-DA ukuketula i-ANC kubalwa i-Northern Alliance, i-GOOD, Defenders of the People (DOP), i-AIM, i-African Independent Congress, i-United Democratic Movement kanye ne-Pan Africanist Congress.

Umfelandawonye wamaqembu amaningi usola uJohnson ngokubhidliza umasipala.

UJohnson ushaywe engeqiwa ntwala emzamweni wakhe wokugcina lesi sikhundla ngoLwesibili, ngesikhathi iNkantolo eNkulu yase-Gqeberha ichitha isicelo sakhe esiphuthumayo sokumisa umhlangano woMkhandlu nokuthi isuse isiphakamiso sokungamethembi.

Izihloko zakamuva