I-ANC ikhathazekile ngokuqhela kwabaholi bayo emikhankasweni

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Njengoba i-ANC ikhanda amasu ayo okhetho, ubuholi bayo bukhathazekile ngokungabibikho kowayenguMengameli namaphini kaMangameli emikhankasweni yakamuva.

Inselelo enkulu uMnuz Jacob Zuma ogcaluza izwe lonke ekhankasela iqembu loMkhonto Wesizwe (MK) ekubeni esathi usayilungu le-ANC.

Isu likaZuma ukudida abavoti nokwakha isithombe sokuthi umuntu usengayithanda i-ANC kodwa kungaba kuhle ukuvotela i-MK.

Utshele izinkulungwane zabalandeli bakhe ukuthi i-MK yenzelwe ukusiza i-ANC ukuthi ithole isimilo nokuthi ibeke abantu phambili.

UMengameli uCyril Ramaphosa usehoxile ekutheni akakasithathi isinqumo sokuthi uzokwenzenjani ngoZuma ogila izimanga.

Ubuholi obuphezulu be-ANC buthumele imiyalezo ehlukene emasontweni edlule baphinde badida abantu ngokuthi bumi kuphi.

UNobhala Jikelele weqembu uFikile Mbalula uthe uZuma usezixoshile, wengeza ngokuthi asikho isidingo sokukhuza umuntu obevele engaselona ilungu le-ANC.

USihlalo we-ANC kuzwelonke uMnuz Gwede Mantashe uphumele obala wakuphikisana noMnuz Mbalula wathi uZuma uzoyiswa ekomitini eliqondisa izigwegwe le-ANC ngemuva kokhetho lukazwelonke.

UMantashe uxwayise ngokuthi ukuxosha uZuma phakathi nomkhankaso wokhetho kungase kuphazamise uhlelo lwe-ANC kuphinde kubhebhethekise umgomo kaZuma.

Emhlanganweni wesigungu esiphezulu senhlangano esinamalungu angu-87, iningi lamalungu liphakamise ukuthi uZuma akhonjwe indlela.

Ezinyangeni ezedlule iqembu elibusayo belilwela ukuthola owayenguMengameli uThabo Mbeki ukuthi ahole eminye imikhankaso yalo.

OwayenguMengameli uKgalema Motlanthe kanye nababengamaphini kaMengameli uPhumzile Mlambo-Ngcuka kanye noBaleka Mbete nabo bahlulekile ukuhambela imigubho yokugubha iminyaka engu-112 leli qembu lasungulwa.

Inqwaba yabaholi abafana noTrevor Manuel noTito Mboweni nabanye abaholi abaningi babukela beseceleni.

Njengoba udumo lukaRamaphosa lwehla, uMbeki useqhamuke njengomholi othandwa kakhulu ku-ANC.

Kodwa-ke, uMbeki waqoshwa ethi angeke akwazi ukukhankasela i-ANC ebeka abantu abakhohlakele nezigebengu ezikhundleni zobuholi.

Ngesikhathi i-ANC idume kakhulu ngo-2004 ngesikhathi i-ANC iwina ukhetho ngamavoti angu-69.69%, uMbeki wayehamba phambili.

Ngemuva kwalowo mkhankaso, i-ANC yawina iKwaZulu-Natal, nokwaqeda ishumi leminyaka i-IFP ibusa esifundazweni.

I-IFP evuke indlobane, nomfelandawonye wamaqembu aphikisayo isiphume umkhankaso omkhulu wokuketula i-ANC KwaZulu-Natal.

Izihloko zakamuva