I-ANC ihola ngamavoti e-Limpopo

Moyahabo Mabeba

Njengoba imiphumela yokhetho iqhubeka nokuphuma, impi yokuphatha komasipala base-Limpopo isiqalile ukubonakala.

I-ANC ibukeka izokhiphela ngaphandle  abavoti abaningi esifundazweni sonke, ekubeni le nhlangano ithole izigceme eziningi. I-EFF izophinde ijabule ngendlela esebenze ngayo.

NgoLwesibili ekuseni, i-ANC yesekwe  ngabavoti abangama -67.88%, kulandele i-EFF ngo-12.68% kanye ne-DA ngo-9.06%.

Kodwa-ke, iqembu elibusayo lizolwela ukuthola ukunqoba ngamalengiso.

Ngokhetho lomasipala lwangowezi-2016, i-ANC yawina izigceme ezingama-568 esifundazweni, i-DA yathola ezingama–24 kwathi i-EFF yathola ezintathu.

Kulokhu, lesi sithombe sixoxa indaba ethokozisayo nge-EFF, eyathola ukwesekwa e-Polokwane ngokuwina ezinye izigceme ezimbili futhi yagcina isigceme se-13 e-Seshego, okuyikhaya lomholi wayo, uJulius Malema.

I-EFF iphinde yathola ukwesekwa e-Elias Motswaledi esifundeni sase-Sekhukhune lapho inqobe khona isigceme sama-21, sesishiyagalombili nesama-30.

Leli qembu liziqinisa njengeqembu lesithathu ngobukhulu esifundazweni, kodwa lisazoba nomthelela obonakalayo.

I-DA iya ngokuya iphelelwa amandla esifundeni sase-Waterberg lapho ilahlekelwe khona umasipala wase-Mookgophong-Modimolle ngokuhlulwa i-ANC.

Imikhankaso ye-ANC yangaphambi kokhetho ithele izithelo komasipala abahlukene ezifundeni zase-Vhembe nase-Mopani.

Nokho i-DA isiwine izigceme ezine ezindaweni zasemadolobheni e-Polokwane.

Khonamanjalo, i-Freedom Front Plus, okuyiqembu lesine ngobukhulu e-Limpopo, kuzobe kungokokuqala liwina isigceme e-Modimolle-Mookgophong, okuyisizinda sayo esisesifundeni sase-Waterberg.

Njengoba ukhetho lwangowezi-2021 lonakaliswe inani labavoti eliphansi ngokuphawulekayo, abantu baseNingizimu Afrika bangalindela izinguquko eziningi njengoba amavoti amaningi engabonakalanga.

Ikhomishana ezimele yokhetho e-Limpopo ikuqinisekisile ukuthi bayizi-2,585,526 abantu ababhalisele ukuvota, nokho isibalo esikhulu salaba sikhethe ukungavoti ngoMsombuluko.

Abahlaziyi baveze ukwesekwa okuphansi okhethweni lwalo nyaka mayelana nokuphuthuma kwamalungiselelo okhetho, ngenxa yobhubhane lwe-Covid-19 kanye nokushoda kokwethembela kwabezepolitiki abangenele ukhetho nasemaqenjini.

Izihloko zakamuva