I-ANC ihlwithe amandla kumasipala waseGoli

Lubhalwe nguZukile Majova

USihlalo we-ANC esiFundazweni saseGoli uDada Morero uthole indlela esemthethweni yokuphatha uMasipala waseGoli onesabelomali sika-R77 billion ngaphandle kokuziphendulela.

UMorero waphatha lo masipala amasonto amathathu wonke – kusukela ngomhlaka-30 kuMandulo kuya kumhlaka-25 kuMfumfu nyakenye – ngaphambi kokuthi asuswe iNkantolo eNkulu eyathola ukuthi ukungena kwakhe kulesi sikhundla kwakungekho emthethweni.

Usebuyele esihlalweni; kulokhu ungene ngemuva kokuqokwa njengelungu lekomiti lemeya elibhekelele ezezimali iMeya u-Abubakr Thaphelo Amad we-Al Jama-ah.

U-Amad kanye noMorero sebevele bakuqinisekisa ukuzimisela kwabo ukugunyaza ukubolekwa kwemali engu-R2 billion kanye nokusebenza “ekulungiseni” isimo “esiyisiphithiphithi” sezimali salo masipala.

U-Amad iqembu lakhe elathola u-1% wamavoti eGoli uchazwe “njengemeya yomfakela” engeke ibe esikhundleni isikhathi eside ngokwanele ukuthi ikwazi ukukhokhela isikweletu sika-R2 billion.

I-ANC inezihlalo ezinhlanu emkhandlwini weMeya onezihlalo ezingu-10, i-EFF ithole izihlalo ezimbili, ezimbili zatholwa i-Patriotic Alliance (PA) kanti esokugcina asinamuntu .

UKenny Kunene oseyiphini likaMengameli we-PA uqokwe njengelungu lekomiti lemeya elibhekelele ezokuThutha.

Owake waba ilungu lekomiti lemeya kwi-Group Corporate and Shared Service uLoyiso Masuku ubuyele kulesi sikhundla ngemuva kokuthi esulwe ezinsolweni zehlazo lwe-PPE ngesikhathi ubhubhane lwe-Covid-19 ludla lubi.

Umyeni kaMasuku, uBandile Masuku wehle esikhundleni sokuba uNgqongqoshe wezeMpilo eGoli kanye nomngani womndeni uKhusela Diko osuswe esikhundleni sakhe sokuba okhulumela uMengameli uCyril Ramaphosa.

Umyeni kaDiko, iNkosi yaMaBhaca eyakhothama uMadzikane II wazuza ithenda ye-PPE ka-R125 million emnyangweni kaNgqongqoshe uMasuku.

Owake waba i-Group Operations Executive kwa-Putco Bus, uJack Sekwaila uthathe isikhundla selungu lekomiti lemeya elibhekelela Ezemvelo kanye neziNsiza zeNgqalasizinda. Emasontweni amathathu okubusa kuka Morero uSekwaila wanikwa isikhundla sokuba ilungu lekomiti lemeya elibhekelela ezokuPhepha koMphakathi.

IKhansela uNomoya Mnisi uphinde wabuyela esikhundleni sokuba ilungu lekomiti lemeya lezokuThuthukiswa koMnotho okuyisikhundla ayesiphethe ngaphansi kukaMorero.

U-Amad owayeyilungu lekomiti lemeya elibhekelele Uhlelo lweNtutukho ngesikhathi kuphethe uMorero uqoke ikhansela le-ANC, u-Eunice Mgcina kulesi sikhundla.

Amanye amalungu ekomiti lemeya ahlanganisa uSepelele Raseruthe kwezokuPhepha koMphakathi (EFF), no-Ennie Makhafola wezeMpilo kanye nokuThuthukiswa koMphakathi (EFF).

Elinye ilungu le-PA, u-Anthea Natasha uyiLungu leKomiti leMeya lezokuHlaliswa kwaBantu.

Esithombeni esingenhla: UDada Morero

Umthombo wesithombe: @MayorDadaMorero

Izihloko zakamuva