Lungani Zungu
Ngesikhathi ebuzwa ukuthi uzoxolisa nini kuMengameli uCyril Ramaphosa, u-Ace Magashule uvele wahleka.
“Asike silinde sibone. Sisenaso isikhathi, ngakho-ke ake sibekezele sibone ukuthi izinto zizoba kanjani,” etshela i-Scrolla.Africa engxoxweni yangasese.
UNobhala-Jikelele we-ANC omisiwe uyalelwe ukuthi axolise kuRamaphosa ngemuva kokuthi emise ngokumangazayo umengameli esikhundleni sakhe.
NgoLwesibili, iqembu elibusayo linikeze uMagashule amahora angama-48 ukuthi akhiphe isitatimende sokuxolisa kwakhe ngemuva komhlangano we-NEC obungempelasonto.
UMagashule wamiswa ngokuhambisana nenqubomgomo yeqembu yokuhoxisa ezikhundleni amalungu abhekene namacala enkohliso, inkohlakalo kanye nobugebengu obukhulu.
Iningi lisola i-ANC ngokuqhubeka nokunikeza uMagashule umholo wakhe wanyanga zonke oyi-R133,000 yize iqembu belihlela uhlelo olukhulu lokuhlela kabusha oluzoholela ekutheni amaphesenti angama-50 abasebenzi balo baphelelwe yimisebenzi.
UMagashule usamile kwelokuthi kungumsebenzi wakhe ukukhipha i-ANC onqenqemeni lwenhlekelele.
“Umsebenzi wami njengomholi weqembu ukuqinisekisa ukuthi i-ANC ibumbene futhi iyaqina,” esho.
UMagashule uthe i-ANC ibekela eceleni inqubomgomo esetshenziswa ngabaholi abathile ukubhekisa kulabo abaphikisana nabo kwezombusazwe.
“Lento kumele ime. Uma amalungu e-ANC engakhulumi ngokumelene nalokhu iqembu lethu lizophela,” kusho yena.
Iphini lakhe kanye nozakwabo osephenduke isitha sakhe, uJessie Duarte uzobamba isikhundla sakhe izinyanga eziyisithupha. Utshele abezindaba ngoLwesibili ukuthi unethemba lokuthi uMagashule uzoxolisa.
UDuarte uthe isenzo sikaMagashule besingamukeleki neze.
Lokhu bekungezinye futhi izinkomba zokuthi abalingani abakhulu bakaMagashule bamlahlile kanti sebeseka uRamaphosa.
Ngisho iningi lamalungu e-NEC selimjikele uMagashule.
UMagashule ubhekene namacala avela kuthenda yezigidi ezingama-R255 eyakhishwa ngesikhathi esenguNdunankulu wase-Free State.
Umthombo wesithombe: @magashule_ace