I-ANC ifuna ukuhlakaza ubuholi bayo baseThekwini

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kungenzeka buhlakazwe ubuholi be-ANC esifundeni iTheku ngemuva kokuthi ikomidi elibizwa nge-Provincial Working Committee (PWC) KwaZulu-Natal libusole ngokungaqhubi kahle  okhethweni lukazwelonke lwakamuva. 

I-ANC ithole kuphela u-17% wamavoti, ilandela kude kakhulu ku-45% weqembu leMK.

I-PWC ithi ubuholi baseThekwini abuzange bukhankase ngokwanele. 

Ongaphakathi ku-ANC, ongagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, uxwayise ngokuthi ukuhlakazwa kobuholi besifunda saseThekwini kungase kukhinyabeze i-ANC ngaphambi kokhetho lwango-2026.

I-ANC eThekwini ike yabhekana nezinkinga zobuholi, ikakhulukazi emuva kokuthi uSihlalo uNkk Zandile Gumede ehoxile esikhundleni ngenxa yamacala enkohlakalo. 

Kuphinde kube namahlebezi mayelana nokungqubuzana phakathi kwabaholi besifunda nabezifundazwe – ikakhulukazi phakathi kukaNobhala wesifundazwe uMnuz Bheki Mtolo noNobhala weTheku uMusa Nciki.

Okhulumela i-ANC eKZN uMafika Mndebele uthe iqembu alisho lutho ngamahlebezi wathi i-PWC izohlangana ngoMsombuluko kodwa akazange asho ukuthi kuzodingidwani kuloyo mhlangano. 

“Uma kukhona isinqumo ngeTheku sizosibeka obala esidlangalaleni,” kusho uMndebele.

Esithombeni ngenhla: USihlalo we-ANC esifundeni saseThekwini uZandile Gumede noNobhala uMusa Nciki

Umthombo: X

Izihloko zakamuva