Lubhalwe nguMlungisi Gumede
Amalungu emikhandlu elwa nobugebengu AMA-Community Pilicing Forums (CPFs) kufanele akhokhelwe ngomsebenzi wawo, ngokusho kukaMnu Bheki Mtolo onguNobhala we-ANC esifundazweni saKwaZulu-Natal.
UMtolo umemezele lokhu esithangamini nabezindaba ngoLwesibili wathi, “Laba bantu abanesibindi baphambili ekulweni nobugebengu futhi babeka izimpilo zabo engcupheni. Sekuyisikhathi sokuthi bathole ukunakekelwa banikeze nesikhuthazo esibafanele.
“Imali yamalungu ama-CPFs izobhekwa ukuze kuqinisekwe ukuthi ayakhuthazwa uhlinzeka ngokuphepha nokuvikela imiphakathi yawo.”
I-ANC izibophezele ekunyuseni izinga lokubamba iqhaza kwemiphakathi kumkhaniaso i-United Front Against Crime ukuze kusungulwe izindawo eziphephile.
“Ubugebengu buyenzeka emiphakathini – isigungu sesifundazwe seqembu sivumelene ngokuthi sizoqinisekisa ukuthi izinhlaka ze-ANC kanye nomphakathi wonkana ubamba iqhaza emkhankasweni wokwakha izindawo eziphephile,” kusho uMtolo.
Esithangamini nabezindaba uMtolo uveze impumelelo enkulu ekulweni nobugebengu njengoba amaphoyisa ebophe abasolwa abangu-2 252 ngamacala ahlukene okubalwa kuwo awokubulala, ukuzama ukubulala kanye nawokubamba inkunzi.
Esigamekweni sakamuva sokuhlasela e-Cato Manor abasolwa abahlanu botholwe nezibhamu ezimbili zohlobo lwe-AK47.
“Sizoqhubeka nokutshala amaphoyisa amaningi, izinsiza, kanye nobuchwepheshe obusezingeni eliphezulu ukulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane kanye nobunye ubugebengu. Sizoqinisekisa ukuthi iziteshi ezingomahambanendlwana zisebenza ubusuku nemini ukuze sigcine imiphakathi yethu iphephile,” esho.
Esithombeni esingenhla: UBheki Mtolo
Umthombo wesithombe: Twitter