I-ANC icubuze amagabade eSilweni ngonyanyavu lukaR5m

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Uhulumeni we-ANC KwaZulu-Natal usaqhubeka nokujabulisa iSilo samaZulu uMisuzulu kaZwelithini – kulokhu imuphe imoto yohlobo lwe-Range Rover.

Njengoba sezifakwe zonke izinto kule moto, intengo yayo manje  ilinganiselwa ku-R5 million.

ISilo esinokungaboni ngasolinye nomsunguli we-IFP uMangosuthu Buthelezi sinethonya elikhulu embusweni waso ohlanganisa amaZulu angaphezu kuka-15 million futhi sizokwenza umfelandawonye omkhulu we-ANC ngosuku olwandulela umkhankaso wayo wokhetho onzima kakhulu.

Njengamanje i-ANC ilahlekelwe ukulawula enyakatho yeKwaZulu-Natal lapho i-IFP ephethe khona omasipala abangu-29.

Ngokwezinga elikhulu ukuvuka kabusha kwe-IFP kwaba ngenxa yobudlelwano obuhle uButhelezi abakha neNgonyama kaZulu ngesikhathi i-ANC yenqaba ukugunyaza ubuzibulo bayo bokuba indlalifa yobukhosi bakaZulu.

Ezinyangeni ezedlule i-ANC iphumele obala yamemezela ukuthi izolungisa izinto neSilo njengelinye lamasu ayo abalulekile okulawula isifundazwe.

Usongo lwe-IFP olusekelwe umbimbi ne-DA ezindaweni zasemadolobheni lwehlise ivoti le-ANC laba ngaphansi kuka-50% ngisho nakumasipala weTheku.

Manje maningi amathuba okuthi iKwaZulu-Natal neGauteng babuswe ngamadlelandawonye ngemuva kokhetho lukazwelonke lwango-2024.

Yingakho uNdunankulu waKwaZulu-Natal uNomusa Dube-Ncube etotosa iSilo samaBandla ngezipho “njengemoto” ehanjiswe esigodlweni sikanina owakhothama kwaKhangelamankengane kwaNongoma.

UDube-Ncube unikeze iSilo samaBandla uMisuzulu imoto yohlobo lwe-Range Rover P530 HSE  emnyama ekhiqizwe kulo nyaka ebiza phakathi kuka-R3 million no-R5 million, ngokusho kwesizindalwazi sakuleli sakwa-Land Rover.

UNkk Dube-Ncube uthe ubehlangane neSilo ukudingida izinto ezibalulekile ezithinta isifundazwe kanjalo nokusinikeza imoto.

Okhulumela iSilo uMisuzulu, uMntwana uSimphiwe Zulu akatholakalanga ukuthi aphawule.

Kulindeleke ukuthi i-ANC nne-IFP bahlangane okhethweni oluhlukene lokuchibiyela KwaZulu-Natal ngoLwesithathu.

Esithombeni esingenhla: UNdunankulu waKwaZulu-Natal uNomusa Dube Ncube enikeza iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini imoto

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva