I-ANC ichitha esokugunyaza imitholampilo esebenza uwayawaya

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

I-ANC KwaZulu-Natal isichithile isiphakamiso sokuthi uMnyango wezeMpilo uthumele abanye abahlengikazi ezindaweni zasemakhaya. Inhloso ukuthi imiphakathi ithole usizo lwezempilo amahora angu-24.

Ekhuluma eMhlanga enyakatho yeTheku, uNobhala we-ANC esifundazweni uMnu Bheki Mtolo uthe akwenzi umqondo kwezomnotho ukuthi kube nemitholampilo ehlezi ivuliwe ezindaweni zasemakhaya.

UMtolo uthe labo abenza lesi siphakamiso abanalo ulwazi lokuthi uhulumeni usebenza kanjani ngesabelomali esilinganiselwe.

“Cabanga nje ezindaweni zasemakhaya kwaMhlabuyalingana kunomtholampilo ovulwa ubusuku nemini, sazi kahle ukuthi ezindaweni zasemakhaya akuvamile ukuthi abantu baye emitholampilo ebusuku,” kusho uMtolo.

“Mancane amathuba okuthi kube nabantu abagwaziwe noma abathinteka ezimweni ezibaphoqa ukuthi baye emitholampilo ebusuku.”

Kwacelwa abasebenzi bezempilo abengeziwe emitholampilo yasemaphandleni ngesikhathi kubonakala ukuthi abantu abaningi kule miphakathi bachitha amahora amade  kolayini kube kunomhlengikazi oyedwa noma ababili kuphela.

Izinyunyana, izinhlangano ezizimele kanye namaqembu ezepolitiki aseka ukuthunyelwa kwabasebenzi bezempilo abengeziwe ezindaweni zasemakhaya ukuze kunikezwe leyo miphakathi ukufinyelela okukhulu ekunakekelweni kwezempilo okuseqophelweni eliphezulu.

UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uthe usuthumele odokotela abangaphezu kuka-300 ezindaweni zasemakhaya kodwa wangaphumela obala ngokuthi bayasebenza yini nasebusuku.

Esithombeni esigenhla: Ifulegi le-ANC

Umthombo wesithombe: ANC Siyathemba Facebook page

Izihloko zakamuva