I-ANC engcupheni yokudlelwa impahla ngokwehluleka ukukhokha isikweletu sika-R102 million  

Lubhalwe i-GroundUp

Ngemuva kweminyaka emine inkampani yezokukhangisa ezinze KwaZulu-Natal yathola inkontileka ka-R102 million yokwenzela i-ANC izingqwembe zokhetho namanje ayikatholi ngisho isenti.

Iqembu elibusayo selifake isicelo sokuchitha isinqumo senkantolo sokuthi kumele likhokhele i-Ezulweni Investments.

Isicelo sakamuva se-ANC sokudlulisa amacala eNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala (SCA) “sesiphelelwe isikhathi” ngenxa yokuthi ayizange ifake amaphepha ngesikhathi.

Ngesikhathi ebhalela i-Moroka Attorneys emmele i-ANC umphathi we-SCA uCL de Wee uthe: “Izimpikiswano zenu mayelana nalesi sicelo zihlehlele kumhlaka-28 kuNdasa kulo nyaka. Kuze kube manje asikazitholi isisusa sengxabano ngakho-ke isicelo sesiphelelwe isikhathi.”

Ummeli we-Ezulweni uShafique Sarlie uthe useyifakile incwadi yokudla impahla kumbhalisi weNkantolo eNkulu yaseGoli.

“Silindele ukuthi ikhishwe ezinsukwini ezizayo,” kusho uSarlie.

Lo mbhalo uzogunyaza isikhonzi ukuthi adle izimpahla ezikhishwa ekomkhulu le-ANC eLuthuli House eGoli ngenani lika-R102,465,000 aphinde azidayise endalini yomphakathi.

USarlie uthe uma isikweletu singahlangatshezwa ngale ndlela uzokwethula izinyathelo ezinqala mayelana neqembu elibusayo.

IJaji uLeicester Adams ebhala egameni lamaJaji uMotsamai Makume noMpostoli Twala uthe kubo bonke ubufakazi obukhona i-ANC kufanele ikhokhe lesi sikweletu ngokwesivumelwano somlomo.

I-ANC ifuna ukuziqhelelanisa nesivumelwano somlomo, futhi ikhala ngokuthi izikhulu ezimbili ezaxoxisana nomphathi we-Ezulweni uRenash Ramdas zazingenalo igunya lokwenza lokho.

U-Adams uthe amaqiniso aphathekayo asekelwa imiyalezo ye-WhatsApp engaphikiswa eyayibika ngenqubekelaphambili yalolu hlelo yathunyelwa phakathi komhlaka-29 kuMbasa kuya kumhla ziyisithupha kuNhlaba ngo-2019.

Eqenjini lezingxoxo laku-whatsapp elibizwa ngokuthi “i-ANC 2019” uRamdas ubelokhu eqhubeka njalo ebuyekeza izingqwembe futhi wathumela nezithombe zazo ngaphambi nangemuva kokwakhiwa kwazo. Wabatshela nokuthi useqashe amaqembu ayikhulu ukuthi azifake.

URamdas uthe leli qembu labanikeza incwadi esephepheni le-ANC esayinwe owayengumphathi wokhetho uMnu Fikile Mbalula ayeyibhalela owayenguMgcinimafa-jikelele uMnu Paul Mashatile.

UMbalula ukuqinisekisile ukuthi: “ULebohang Nkholise waqokwa njengozosayina ukubhukha kanye nokukhishwa kwemali ngesikhathi somkhankaso wokhetho.”

Ijaji lithe okubaluleke kakhulu ukuthi incwadi eyanikezwa i-Ezulweni ayizange iphikiswe i-ANC. Akuzange kuphikiswe ukuthi ngoMbasa i-Ezulweni yadlulisela ama-invoice amabili kuNkholise.

Amajaji amathathu abe esenqaba ukunikeza i-ANC imvume yokuphikisa umyalelo wokuthi kufanele ikhokhe, kodwa ngesicelo se-SCA inkantolo iye yayinikeza imvume yokudlulisa icala.

Okhulumela i-ANC kwabezindaba u-Amos Phago akawuphendulanga umyalezo we-WhatsApp ukuze aphawule.

Esithombeni esingenhla: ILuthuli House

Izihloko zakamuva