UZukile Majova uthi njengoba ziningi izinselelo ezikhona kwipolitiki, nokusatshiswa ngodlame eKZN, i-ANC esifundazweni ingene shi emzabalazweni wobuholi.
Ukulwela izikhundla kwi-ANC KwaZulu-Natal kungikhumbuza omunye umbusi wase-Roma uNero “owayebanga isikhundla ngesikhathi i-Roma isha” emlilweni omkhulu.
I-ANC e-KZN ibhekene nezinkinga eziningi ezisabisa ngokuyilahlekisela ngezinto eyazizuza kanzima.
Kodwa njengoba ingqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC yesifundazwe iqala ngoLwesihlanu eThekwini, izithunywa zibukeka zikhathazeke kakhulu ngokuthi ngobani abazongena ezikhundleni zobuholi obuphezulu.
UNdunankulu uSihle Zikalala, ongumlandeli kaMengameli uCyril Ramaphosa, ukhankasela ihlandla lesibili.
Usomabhizinisi uSandile Zungu kanye noNgqongqoshe wezeziMali uNkk Nomusa Dube-Ncube bahola izinkulumo ezehlukene zamaqabane e-ANC athembeke kowayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma.
Njengoba umbango wobuholi uqhubeka, nazi mhlawumbe izinkinga okuyizona eziphuthuma kakhulu.
1. Ukubulawa kosopolitiki esifundazweni:
I-Global Initiative on Transnational Organised Crime ithi kube nosopolitiki ababulewe abangu-118 e-KZN kusukela ngo-2015.
2. Ukuvuka kabusha kwe-IFP phakathi kwaMaZulu:
Abalandeli bomdabu bakaZulu abathutheleka kwi-ANC ngesikhathi uZuma esanguMengameli bavele bajoyina i-IFP ngemuva kokuthi uZuma axoshwe ngenkani esikhundleni. Umsunguli we-IFP nowayenguMengameli we-IFP uMangosuthu Buthelezi, umholi oshisekayo nonothando wasebenzisa amaphutha e-ANC ukuvuselela i-IFP. Kule minyaka engu-20 edlule i-IFP isizuze amandla amangalisayo, njengoba yehlise i-ANC ngamavoti angu-41% kuphela okhethweni lohulumeni basekhaya KwaZulu-Natal.
Iqembu elibusayo lilahlekelwe ngomasipala abaningi ababalulekile okubalwa uMasipala weTheku nowaseMhlathuze ngesikhathi kwehla izibalo zezihlalo zemikhandlu engu-18 ngemuva kokhetho lwangoLwezi nyakenye.
3. Ukungaboni ngaso linye neNdlunkulu kaZulu:
I-ANC yaba ngeyokugcina ukwemukela iSilo esisha samaZulu iSilo samaBandla, uMisuZulu kaZwelithini njengomholi osemthethweni wesizwe samaZulu.
Uhulumeni wesifundazwe wenqaba ukukhipha isabelomali sika-R66 million ukuze kuqhutshekwe nezindaba zeNgonyama kaZulu. Selokhu iSilo sathatha izintambo zobukhosi, uhulumeni we-ANC usichithile isabelomali sakhe. Izigidi zamaZulu zidinwe zagana unwabu ngesikhathi uhulumeni esusa abezokuphepha yize bekukhomba ngokusobala ukuthi iSilo sisengcupheni yokusocongwa.
Kuze kube namuhla, emehlweni abaholi bendabuko bakaZulu, i-IFP ikhathazeke kakhulu ngobuholi bendabuko kune-ANC.
4. Lesi sifundazwe sithathwa njengekhaya lamaqabane e-ANC aseka owayengumengameli wezwe nabaholi abasolwa ngenkohlakalo nabasiza ehlazweni lokulawulwa kombuso. Uhlangothi lwe-ANC olweseka owayengumengameli wezwe uMnu Jacob Zuma luzimisele ngokususa uRamaphosa esikhundleni, ukudicilela phansi isithunzi soMphathi wamaJaji uRaymond Zondo kanye nokwethembeka koMbiko wokuLawulwa koMbuso.
Ngaphandle kwalokhu, lesi sifundazwe saziwa ngokuqubuka kodlame olubhekiswe kwabaphuma emazweni angaphandle.
Kukulesi sifundazwe lapho amalungu e-ANC ayengeneme aqala khona izibhelu zangoNtulikazi ezadla umnotho ongaphezu kuka-R50 billion, imiphefumulo yabangu-340 kanye nenqwaba yemisebenzi.
I-ANC ezibiza ngomholi womphakathi ivamise ukutholakala ithinteka kulezi zindaba.
Ingqungquthela yale mpelasonto ayibukeki izoshintsha izinto, kodwa singajubala uma kungase kube khona ushintsho oluthile.