I-ANC eKZN ichitha uJZ noDlamini Zuma

Lungani Zungu

Imizamo kalowo owayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma yokubuyela kwezepolitiki kwi-ANC iqale ehlambalazayo.

Yebo isifundazwe esangakubo, kodwa iKwaZulu-Natal imchithile kanye nowayengunkosikazi wakhe uNkosazana Dlamini Zuma ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC ngoZibandlela.

UNobhala wesifundazwe uMnu Bheki Mtolo uthe uZweli Mkhize uqokwe njengo zongena esikhundleni sikaMengameli weqembu ngesikhathi kunomhlangano we-Provincial Executive Committee (PEC).

Lokhu kungase kuxabanise uMkhize odume ngesithakazelo sakhe uKhabazela, noMengameli uCyril Ramaphosa.

UDlamini Zuma, wase-Bulwer KwaZulu-Natal naye ubheke isikhundla esiphezulu.

Kodwa i-KZN, ethumela izithunywa ezingu-877, okuyisibalo esiphezulu engqungqutheleni yesi-55 ngoZibandlela, iphinde yamchitha.

Isifundazwe siphakamise umgcinimafa-jikelele ophinde abe nguNobhala Jikelele osabambile uMnu Paul Mashatile esikhundleni sokuba iPhini likaMengameli.

UNdunankulu wase-Limpopo, uStanley Mathabatha uqokwe esikhundleni sokuba uSihlalo kazwelonke kanti uZuma ubesibhekile lesi sikhundla.

Lesi sifundazwe siphakamise lowo owayenguNdunankulu wase-Eastern Cape, uPhumulo Masualle esikhundleni sokuba uNobhala-Jikelele kwathi uNkk Nomvula Mokonyane waqokwa njengephini lakhe.

Lesi simemezelo se-ANC KwaZulu-Natal size ngemuva kwamahora ambalwa uZuma ememezele ukuthi kunamaqabane afuna abenguSihlalo kazwelonke lweqembu, esitatimendeni esikhishwe kwabezindaba.

“Ngifisa ukuqinisekisa ukuthi ngike ngacelwa izinhlaka eziningi ukuthi ngingenele isikhundla sokuba uSihlalo kazwelonke we-ANC,” kusho isitatimende.

“Ngikuvezile ukuthi ngizoholwa amagatsha e-ANC futhi ngeke nginqabe ukufakwa kuleso sikhundla uma bebona kufanele ukuthi ngiphinde ngisebenzele inhlangano kulelo zinga nanoma yiliphi elinye.

UZuma owake waba nguMengameli we-ANC kusukela ngo-2007 kuya ku-2017 uthe sekuyisikhathi sokubuyisela iqembu elinezinkinga “kubanikazi balo.”

IKwaZulu-Natal isifundazwe lapho uZuma ake wathola khona ukwesekwa okukhulu ngesikhathi enguMengameli we-ANC neqembu kodwa ukwesekwa kwakhe sekushabalele.

Ukuqokwa kukaMkhize kulesi sifundazwe kungase kuphathise uZuma ngekhanda ngenxa yobudlelwano obungebuhle abenabo noMkhize eminyakeni edlule.

I-ANC KwaZulu-Natal ithe ivulelekile ukuxoxa nezinye izifundazwe ngaphambi kwengqungquthela.

Izihloko zakamuva