Lubhalwe nguZukile Majova
- UNdunankulu wase-Gauteng uPanyaza Lesufi ngeke asabuyiselwa.
- UMengameli uCyril Ramaphosa kanye nesekela lakhe uPaul Mashatile abavumelani ngekusasa lezinhlaka zase-Gauteng naseKZN.
Umhlangano obe noqhekeko phakathi kwesigungu esiphezulu se-ANC kuzwelonke (NEC) wehlulekile ukuphuma nesinqumo sokuthi kuhlakazwe isigungu esiphezulu sesifundazwe iKwaZulu-Natal ne-Gauteng.
Isigungu esiphezulu esinamalungu angu-87 esithatha izinqumo sihlangane ngempelasonto ukuze sithathe isinqumo sokuhlakaza ubuholi kulezi zifundazwe ezimbili kodwa sanquma ukuhlela kabusha ukwakhiwa kwezinhlaka.
UMengameli uCyril Ramaphosa kanye nePhini likaMengameli uPaul Mashatile abavumelani ngekusasa lezinhlaka zobuholi base-Gauteng naseKZN.
Lokhu kudale uqhekeko emhlanganweni we-NEC amanye amalungu eseka uhlangothi lukaRamaphosa kanti amanye eseka uMashatile.
UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe basabela ekulahlekeni okukhulu kokwesekwa kweqembu kulezi zikhungo zomnotho.
“I-NEC ye-ANC ivumelene ngokuthi isimo sokuhleleka kuzo zonke izifundazwe zethu sidinga izinyathelo eziphuthumayo kulandela ukuhlulwa okhethweni. Kodwa-ke, ukulahlekelwa kwe-ANC ngamavoti kulezi zifundazwe ezimbili ezibalulekile kudinga ukuthi kuthathwe izinyathelo ngokushesha njengoba lezi zifundazwe ezimbili bekungezona nje kuphela ezinabantu abaningi kodwa futhi beziyizizinda zomnotho wezwe.”
Isinqumo sokuhlela kabusha ubuholi be-ANC e-Gauteng naseKZN ngeke siphazamise ukwakheka kukahulumeni kulezi zifundazwe ezimbili.
Lokhu kusho ukuthi uNdunankulu wase-Gauteng uPanyaza Lesufi ngeke abuyiselwe esikhundleni.
I-Gauteng ne-KZN yizona zinhlaka ezinamavoti amaningi futhi ukulahlekelwa ukwesekwa kulezi zifundazwe kusho inhlekelele embi embuthweni wenkululeko.
E-KZN ikakhulukazi, ukusungulwa kweqembu likaJacob Zuma iMK kuholele ekucekeleni phansi kwamanye amagatsha e-ANC njengoba amalungu atheleke ngobuningi eqenjini elisha.
Lezi zifundazwe ezimbili zihlonzwe njengezingenzanga kahle kakhulu okhethweni lukazwelonke oludlule, lapho i-ANC ilahlekelwe ngamavoti amaningi futhi yehla isuka ngaphezu kuka-57% wamavoti likazwelonke yafinyelela ku-40%.
E-KZN, i-ANC ithole amavoti angu-17% kwathi iMK yathola u-45% wamavoti esifundazwe okhethweni lwayo lokuqala.
I-ANC isiyingxenye yomfelandawonye oholwa yi-IFP olawula isifundazwe ngosizo lwe-DA ne-NFP okuyiyona eyayihola eKZN.
E-Gauteng, uLesufi uhola umfelandawonye ngemuva kokuthi leli qembu lithole u-36% wamavoti esifundazwe.
Lokhu kusho ukuthi kuze kube yimanje i-ANC isilahlekelwe yizifundazwe ezintathu eNingizimu Afrika – i-Western Cape, iKZN ne-Gauteng – njengoba amavoti alokhu eya ku-DA nakwamanye amaqembu amancane kule minyaka engu-15 edlule.
Esithombeni esingenhla: UNobhala Jikelele we-ANC uFikile Mbalula.
Umthombo: careerssa.com