I-ANC e-EC ithi ukulethwa kwezidingo kubantu kuseqhulwini

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

I-ANC e-Eastern Cape ithi okusemqoka kuyo njengamanje ukwenza isiqiniseko sokuthi abantu bakulesi sifundazwe bathola izidingongqangi ezisezingeni eliphezulu.

Engqungqutheleni yezinsuku ezimbili eGqeberha, isigungu esiphezulu seqembu kanye nabambisene nabo badingide izinselelo ezibalulekile ezibhekene nesifundazwe.

I-ANC income uhulumeni wesifundazwe ngempumelelo yakhe njengokwenza ngcono imiphumela kamatikuletsheni yaba ngaphezu kuka-80% nokwehla kwezinga labantu abangasebenzi.

Njengoba leli qembu libheke okhethweni lukazwelonke olubhekwe ngabomvu, uNdunankulu ophinde abe nguSihlalo we-ANC u-Oscar Mabuyane unxuse ukuthi kube nobumbano kumalungu ukuze anqobe.

“Ukungazinzi kwethu kwenze abantu bakithi baphelelwa ithemba ku-ANC saze salahlekelwa ezinye izindawo nawo nabo bonke omasipala abakhulu,” kusho uMabuyane.

Engqungqutheleni bekudingidea izindlela zokwenza ngcono ezeMpilo nezeMfundo kanye nokubhekana nezinhlekelele zemvelo, okuhlanganisa nezikhukhula ezinamandla ezicekele imigwaqo ezindaweni zasemakhaya esifundazweni.

UNobhala we-ANC e-Eastern Cape, uLulama Ngcukayitobi uthe: “Sibheke iqhinga elisha lokubhekana nezimo ukuze kungabi khona umehluko phakathi kwemigwaqo yasemakhaya, eyendawo neyezifundazwe. Kungcono sisebenzise indlela yasemakhaya ukuze isifundazwe nabantu bakule ndawo bakwazi ukusebenzisa isabelomali ukubhekana nemigwaqo.”

UNgcukayitobi wengeze ngokuthi i-ANC iyazethemba ukuthi izoqhubeka nokuphatha isifundazwe futhi ayikhathazekile ngeqembu elisanda kusungulwa loMkhonto Wesizwe elesekwa ngowayenguMengameli uJacob Zuma.

“Abantu base-Eastern Cape bagxile kakhulu kwezepolitiki futhi bayazazi izigebengu ngamagama,” usho kanje.

“Yingakho ezingqungqutheleni ezedlule lapho sasithi khona, ‘uZuma akahambe, uZuma kumele axoshwe ku-African National Congress saba nokwesekwa okukhulu okuvela e-Eastern Cape.”

Esithombeni esingenhla: UNdunankulu wase-Eastern Cape u-Oscar Mabuyane noNobhala we-ANC esifundazweni uLulama Ngcukayitobi.

Umthombo wesithombe: ANC EC

Izihloko zakamuva