Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
I-ANC eTshwane izokwethula isiphakamiso sokungethenjwa kweMeya uCilliers Brink emhlanganweni womkhandlu ngoLwesine oluzayo.
I-ANC ifuna ukubuyisa amandla ayo edolobheni ngemuva kokulahlekelwa yiwo kulandela ukuthathwa kwawo kuyo yiDA okhethweni lwango-2016. Leli qembu lithi uBrink akawenzi kahle umsebenzi wakhe, okuthinta nezidingo zezakhamizi.
NgoLwesine, uBrink umemezele uhlelo olusha lokulawula imfucuza, olwehlise u-60% wosonkontileka abadala abebengahlangabezani nezindingo.
“Siyalulungisa uhlelo. Amaloli amasha kumele abe ngaphansi kweminyaka eyisishiyagalolunye, akulungele ukuba semgwaqeni, afakwe amakhamera futhi ahambisane nemithetho,” kusho Brink.
U-Eugene Modise, usihlalo we-ANC eTshwane, ukhathazekile ngendlela idolobha eliphathwa ngayo nokuthi imali iphathwa kanjani.
“Kusukela ngoNdasa 2023, bekuno-R4 billion osetshenziswe kancane kanye no-R10-billion osetshenziswe ngendlela engafanele. Idolobha lithembele ku-R2.5-billion wemali yesibonelelo sikahulumeni kazwelonke yesabelomali salo,” kusho uModise.
Izikhalo ze-ANC zihlanganisa ukungalethwa kahle kwezidingongqangi, ukuqoqwa kwemali engenayo, imiphumela emibi ngomcwaningimabhuku kanye nenqwaba yabasebenzi ehhovisi lemenenja yedolobha.
UMnuz Jacqui Uys ongu-MMC wezezimali ku-DA uthe lesi siphakamiso sigqugquzelwa ngabaholi be-ANC abanezintshisekelo zabo kwezamabhizinisi.
“Idolobha belilwa nenkohlakalo ethinta ukuhlinzekwa kwezidingongqangi. Lokhu kumayelana nezinkontileka zokuthuthwa kukadoti abaholi be-ANC abahlomula kuzo. Amanye amaloli awango-1978 kodwa abesasebenza,” kusho Uys.
U-Uys wengeze ngokuthi i-ANC ike yazama ukuketula uhulumeni wayo wobumbano phambilini futhi ukholelwa ukuthi lena ngenye yemizamo yabo.
Esithombeni ngenhla: I-ANC ebuholini baseTshwane.
Umthombo: Doreen Mokgolo
