Lubhalwe nguDylan Bettencourt
I-Amazon izonciphisa imisebenzi angu-14,000 yezinkampani njengoba i-AI ithatha indawo yomsebenzi owake wenziwa abantu okubalwa ezokuthutha,ukukhokhwa kwezimali, imidlalo kanye ne-cloud computing.
Isikhulu esiphezulu u-Andy Jassy kanye nephini likaMengameli uBeth Galetti bathi ukunqamula imisebenzi kuzokwenza i-Amazon isebenze kahle.
I-Amazon inqamula imisebenzi yezinkampani elinganiselwa ku-14,000 njengoba i-AI iqhubeka ibumba kabusha indlela inkampani esebenza ngayo.
Lona umzuliswano wesibili omkhulu wokunqamulwa kwemisebenzi eminyakeni emibili. Isikhulu esiphezulu u-Andy Jassy wayesevele exwayise ngokuthi bazodinga abantu abambalwa njengoba i-AI ithatha imisebenzi eminingi ebiyenziwa abantu.
Ukunqanyulwa kwemisebenzi kuzothinta iminyango eminingi kusukela kwezokuthutha kanye nalaba ababhekelela ukukhokhwa kwezimali kuya emidlalweni yevidiyo kanye ne-cloud computing. Abangaphakathi bathi lolu hlelo luqale ezinyangeni ezedlule, amanye amathimba atshelwa ukuthi angazivali izikhala zabasebenzi abahambayo, kubika iMyBroadband.
UBeth Galetti, IPhini likaMengameli we-Amazon elibhekelela isipiliyoni kanye nobuchwepheshe, uthe ukuncishiswa kwemisebenzi kuhloswe ukukhula ngokushesha ngokunciphisa izinqubo ezingadingekile nokugxila ezindaweni ezithuthukisa ukukhula.
Ubuye wengeza ngokuthi i-Amazon isazoqasha izikhundla ezibalulekile, okusho ukuthi isibalo esingu-14,000 asifani nesibalo esiphelele sokudilizwa.
Imibiko yangaphambilini yaphakamisa ukuthi izikhundla cishe ezingu-30,000 zingaba sengcupheni umnyakazo ozokwenza lokhu kube isiphetho esikhulu kunazo zonke e-Amazon, sidlule imisebenzi engu-27,000 elahlekile ngo-2022 nango-2023.
Le nkampani iqasha abantu ababalelwa ku-1.55 million emhlabeni jikelele, kanti babalelwa ku-350,000 abakwi-corporate. Ukunqanyulwa kwakamuva kwathinta cishe u-4% walelo qembu.
Amanye ama-tech giants enza umnyakazo ofanayo. I-Salesforce ithi i-AI yonga izigidigidi unyaka ngamunye ngokuthatha umsebenzi wokuthengisa. IMicrosoft ithi i-AI manje isibhala cishe ingxenye yesithathu yekhodi yayo, kuyilapho i-Workday iyisebenzisa ukunciphisa izidingo zokuqasha.
Esithombeni esingenhla: Ihembe lenkampani i-Amazon.
Umthombo wesithombe: Amazon/Facebook
