Lubhalwe nguRorisang Modiba
I-alibhamu yokugcina yesihlabani somculo wokholo uSolly Moholo izotholakala ngoLwesihlanu, kusele usuku ngaphambi komngcwabo wakhe.
Lo mculi waseNingizimu Afrika, (65), uSolomon Molokoane, ushonele esibhedlela saseBotswana ngemuva kokugula kulandela ikhonsathi yakhe yokwethula le alibhamu.
Indodana yakhe, uMoholo, ithe bazosifeza isifiso sayo sokukhipha izingoma zakhe eziku-alibhamu.
“UMoholo uqophe waqeda i-alibhamu yakhe yokugcina. Ukufeza isifiso sakhe sokugcina, umndeni uzoqinisekisa ukuthi i-albhamu iyaphuma. Sizibophezele ekuqinisekiseni ukuthi umlando wakhe uyaqhubeka,” kusho indodana.
Imenenja kaSolly, uGladness Thobakgale, ukuqinisekisile lokhu.
UMoholo wayeseBotswana ukuyokwethula icwecwe lakhe elisha elithi, Wubani O Zo Pepeza, ngesikhathi egula.
Ngemuva kombukiso omkhulu, uphuthunyiswe esibhedlela ngeSonto. Ubebonakala eba ngcono kodwa washona ngomhlaka-2 kuMfumfu.
Isikhumbuzo sibanjwe ngoLwesithathu ngomhlaka-9 kuMfumfu, eSouth African State Theatre.
Umngcwabo uhlelelwe uMgqibelo umhlaka-12 kuMfumfu, e-Akasia Hall ePitoli, kusukela ngo-8 ekuseni.
Esithombeni esingenhla: USolly Moholo.
Umthombo: Ifayela