I-Mauritania ithuse abaningi ishaya ompetha bango-2019 i-Algeria ngegoli elilodwa eqandeni.
Ukunqoba e-Stade de la Paix ngoLwesibili kube ngokokuqala kulo mqhudelwano futhi kubasize ukuthi badlulele kuhlu lwamaqembu angu-16 futhi kubone i-Algeria iphuma kulo mqhudelwano.
Igoli lishawe uYali Dellahi esiwombeni sokuqala.
I-Algeria isiwunqobe kabili lo mqhudelwano kodwa manje sekukabili isheshe iphuma kulomqhudelwano izikhathi zilandelana ngaphansi komqeqeshi uDjamel Belmadi.
Ku-Group D i-Angola iqhwakele phezulu ngamagoli amabili eqandeni ishaya i-Burkina Faso. UMabululu ushaye igoli ngekhanda esiwombeni sokuqala, kwathi uZini waphinde wafaka elinye igoli ngesikhathi esengeziwe.
I-Angola iqede inamaphuzu ayisikhombisa kwathi i-Burkina Faso yalala endaweni yesibili ngamaphuzu amane.
I-Cameroon iphinde yabuya ngendlela emangalisayo ku-Group C ngesikhathi ihlula i-Gambia ngamagoli amathathu kwamabili. Besekusele kancane ukuthi iphume kodwa yalwa ngemizuzu yokugcina.
Igoli likaChristopher Wooh alishaye ngesikhathi esengeziwe belimqoka ekutheni i-Cameroon iqede endaweni yesibili kwi-Group ngemuva kwe-Senegal. Womabili amaqembu aqede ngaphambi kwe-Guinea ngokwamagoli, i-Gambia iphumile ngemuva kokuhlulwa emidlalweni emithathu
Komunye umdlalo i-Senegal ihlule i-Guinea ngamagoli amabili eqandeni ashawe u-Abdoulaye Seck no-Iliman Ndiaye esiwombeni sesibili. I-Senegal engompetha abavikela isicoco kubukeka kuyihambela kahle ngemuva kokuqeda esigabeni samaqoqo inerekhodi lokunqoba imidlalo emithathu.
Womabili amaqembu i-Senegal ne-Cameroon badlulele kuhlu lwamaqembu angu-16, kwathi i-Guinea nayo yadlulela phambili njengelinye lamaqembu aphume inombolo yesithathu ahamba phambili. Umqeqeshi we-Senegal, u-Aliou Cissé, ubuyile ngemuva kokuhlala isikhashana esibhedlela.
Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff
Isithombe esingenhla: I-Mauritania ibungaza ukunqoba kwayo.
Umthombo wesithombe: X