I-Alex iphefumula umoya wethemba njengoba kufika amasosha

Everson Luhanga

Ngenkathi i-Pan Shopping centre yase-Alex icekelwa phansi ngababhikishi, cishe amakhilomitha amabili ukusuka lapho inxanxathela eyodwa yezitolo ibimile ingathintwanga muntu.

NgeSonto ebusuku, kuqhume izibhamu ngaphakathi kwamasango enxanxathela yezitolo njengoba ababhikishi bezama ukungena kuyo.

Ngokusho kweMenenja ye-Maintanance uFatima Chebeletsene, kanye nomphathi walesi sikhungo, uLucky Mabilesa, le nxanxathela yezitolo iqashe onogada abaningi abebehlomile.

“Sinonogada abaningi ngemuva kokuzwa ukuthi kukhona ababhikishi ababefuna ukugqekeza indawo yethu.”

UChebeletsene wengeze ngokuthi izinhlangano zamatekisi nazo zibasizile ekuvimbeni ababhikishi ukuthi bangafiki eduze kwenxanxathela yezitolo ebusuku.

NgoMsombuluko ekuseni kube nezixakaxaka e-Pan Africa Mall lapho abaphangi begqekeze izitolo ezahlukene bathatha izinto ezitolo ezahlukene.

Abantu babonakale bephethe imvu ephelele besuka ebhusha, iziqandisi zasezitolo zefenisha, amanabukeni alahlwayo ezingane, amabhodlela amakhulu amafutha, namasaka erayisi kanye nawempuphu.

Cishe ngo-10 ekuseni, lo mbhikisho uthole umfutho ngesikhathi amaphoyisa ebhekene ngqo nababhikishi.

Amaphoyisa adubule ababhikishi abebegqekeza ama-ATM ngezinhlamvu zenjoloba. Isixuku siziphindiselele ngokujikijela amatshe nezinhlamvu zangempela emaphoyiseni.

Ngehora lokuqala emini, isixuku esikhulu sahlasela amaphoyisa, saphoqa izikhulu, onogada nezintatheli ukuba babaleke bayocasha ngejubane elikhulu ngaphambi kokucela ukuthi kuze usizo.

Leli lokishi belivinjezelwe njengoba bekugqekezwa ezitolo zezipaza ngemuva kokuthi amaphoyisa agcwale kule nxanxathela yezitolo.

Kube nokukhululeka lapho kuzwakala ukuthi i-South African National Defence Force izotshalwa ezindaweni ezinenkinga.

Kuthe ntambama, idlanzana lamasosha beselivele lifikile kuleli lokishi ukuzosiza amaphoyisa ukulawula isimo.

Le mibhikisho ishube yaya nakwezinye izingxenye zedolobha kubalwa kuzo i-Jabulani Mall yase-Soweto, i-Maponya, ne-Bara.

E-KZN, kugqekezwe izakhiwo ezinkulu zashiswa nangomlilo. Kuze kwagqekezwa nesitolo samabhokisi omngcwabo kwaphangwa khona.

Izihloko zakamuva