Xolile Nkosi
U-Olpha Selepe obeyisihlabani, ushone ngoZibandlela ngemuva kokuxinwa yi-Covid-19 ngemuva nje kokuba esethole udumo ngengoma yakhe yama-piano ethi Obani Labantu. Igama le-EP yakhe nalo lithi Obani Labantu.
Indodana yakhe, uFika Selepe ithe isiza umama wayo ukufeza iphupho lakhe lomculo noma esengaphesheya kwethuna.
UFika uthe, lo msebenzi ubusuvele uhleliwe ngesikhathi kushona unina.
“Umama ugqugquzele abantu abaningi. Inhloso yakhe bekuwukusabalalisa umyalezo ozogqugquzela wonke umuntu ukuthi alandele iphupho lakhe kungakhathalekile ukuthi umdala kangakanani. Umama ukhiphe ingoma eneminyaka engama-65,” kusho uFika etshela abakwa-Scrolla.Africa.
“Sizoqhubeka nokusebenza ngezinto azishiyile ukuze aphumule ngokuthula futhi azi ukuthi inhloso yakhe isaqhubeka, ngokuzwakalayo nangokuziqhenya, noma esengasekho emhlabeni.”
Ingoma kaGee Six Five ithandwe kakhulu ngabantu ezinkundleni zokuxhumana . Le ngoma isibukwe ngaphezulu kwe-94 000 futh yathandwa ngabantu abayi-59 000 ku-YouTube.
Lesi sihlabani besingazimisele ngokuhlala isikhathi eside kulo mkhakha. Wayiqopha le ngoma ngemuva kokuthatha umhlalaphansi ngoba nje ukucula kwakungelinye lamaphupho akhe futhi wayecabanga ukuthi kuzoba mnandi. Ubenqaba ukwenza ama-gig ebusuku ngoba wayengathandi ukuhlala kuze kube sebusuku.
Umthombo wevidiyo: i-YouTube