I-albhamu yokuqala kaAyra ithathe indawo yokuqala ngemuva kwamahora angama-24 ikhishiwe

Arthur Greene

I-albhamu yokuqala yomculi oneminyaka eyi-18 ubudala uAyra Starr ususe iskhondlakhondla se-afrobeat uWizkid endaweni yokuqala ku-Apple Music, ngosuku nje ngemuva kokukhishwa kwayo ngoLwesine.

Ngalolo suku, umkhiqizi wamarekhodi wase-Nigeria ovelele uDon Jazzy oneminyaka engama-38, umemezele ukuthi lo mculi usesayine neMavin Records.

Ngosuku olulandelayo, wabhala kuTwitter wathi: “Uqale izolo ebusuku ukuba ku-Apple Music kodwa esikhathini esingaphansi kwamahora angama-24, u@ayrastarr une-albhamu ehamba phambili ehleli phezulu kunombolo yokuqala ezweni ku-Apple Music. Ngiyabonga 🙏🏾 #Mavin”.

Lo mculi osemncane we-afropop uzinze e-Lagos, kodwa udabuka e-Edo State e-Nigeria.

Ukunyukela kwakhe phezulu emkhakheni we-pop ezweni kuye kwaba yimpumelelo njenge-albhamu yakhe. Waqala eminyakeni emibili eyedlule ukuthumela amavidiyo akhombisa ikhono lakhe lokucula ku-Instagram.

Kubikwa ukuthi utholwe nguJazzy uqobo, owabona masinyane ikhono lakhe.

I-EP kaStrarr enezingoma ezinhlanu ithathe isicoco kwingoma kaWizkid i-Made in Lagos, okuze kwaba manje ilokhu ihleli phezulu esicongweni samashadi e-Apple Music selokhu yakhishwa ngoMfumfu nyakenye.

Irekhodi likhishwe nevidiyo yomculo ehambisana nengoma yayo ebifakiwe i-Away, eveza uStarr njengama-samurai egqoke isikhumba esinesitayela.

Omunye ophawulile ubhale ngokuqinisekile wathi, “Ngizobe ngikhona uma esephumelela. Unakho konke okudingekayo”.

Uma ubheka amashadi ayakhombisa ukuthi usephumelele.

Izihloko zakamuva