I-albhamu entsha yomrepha wase-Zim

Sizwe Sibiya

Umrepha wase-Zimbabwe uGerald Mugwenhi ukholwa ukuthi umculo wakhe usiza abantu abaningi asebedlule ezinhlungwini.

Ngemuva kokukhipha i-albhamu yakhe yokuqala i-SynCity ngonyaka ka-2012, lo mculi we-hip-hop owaziwa kakhulu ngegama lakhe lasesiteji elithi Synik usekwazile ukuhlanganisa enye i-albhamu enesihloko esithi-A Travel Guide For the Broken.

Ngesikhathi i-albhamu yakhe i-SynCity iphuma kwakunezimo ezinzima ezaphoqelela abantu abaningi base-Zimbabwe ukuba babaleke ezweni labo, ingakho ethathe isinqumo sokukhipha enye i-Albhamu mhla ziyishumi kuNdasa. Le-albhamu ikhuluma ngazo zonke izinkinga asebhekene nazo e-Lisbon kanye nase-Portugal, lapho abizwa khona njengomuntu oqhamuka emazweni angaphandle obaleke ezweni lakhe”.

USynik usebenzisa uthando lwakhe lwamagama ukuveza isithombe esicacile sempilo yabantu abaqhamuka emazweni angaphandle ezingomeni ezingu-12 kwi-albhamu yakhe. Uveza izinto ababhekana nazo uma bebaleka emazweni abo, nokuthi baqhubeka kanjani nokubekezelela ukuhlukunyezwa baphinde basebenze amahora amaningi beholelwa imali encane.

“Ekugcineni, umculo awugcini ngokubhala ngobuhlungu kuphela, ukunikeza umhlahlandlela wokuhamba le ndlela uphinde ulethe uxolo” uSynik utshele i-Graedy South.

I-albhamu yakhe ihlanganise inqwaba yabaculi abavela e-Zimbabwe, e-Portugal, eMelika, e-Botswana, e-Angola, e-Finland, e-Ukraine, e-Colombia, e-Martinique, e-Argentina kanye nase-Brazil, iphinde ibe incazela yangempela ye-boom-bap rap exube imisindo ehlukile yesimanje. Lokhu kunikeza i-albhamu isigqi esingakwazi ukuqhathaniswa nabanye abafana noLittle Sims ongumrepha wase-British oqhamuka e-Nigeria.

Umthombo wesithombe:

Izihloko zakamuva