Lubhalwe nguPrince Azeel
Isihlabani somculi wase-Nigeria uDavido wenza ezibukwayo nge-albhamu yakhe yakamuva i-Timeless.
I-albhamu inezingoma eziculwa ngokuhlanganyela nabaculi abadume kakhulu okubalwa kubo u-Angelique Kidjo kanye noFocalistic kanti ibe i-albhamu yokuqala yase-Afrika ukuba phezulu emashadini okusakaza kuzo zombili izinkundla zedijithali osukwini lwayo lokuqala ikhishiwe!
Kwi-tweet i-Apple Music ibhale ukuthi: “UDavido wephula amarekhodi omhlaba. I-albhamu ethi-Timeles yesihlabani sase-Nigeria ibe nokusakazwa okuningi osukwini lokuqala ikhishiwe ku-Apple Music.” Akuyona i-Apple Music kuphela, le albhamu ibe nokubukwa okungaphezulu kuka-12 million emahoreni okuqala angu-24 ikhishiwe ku-Audiomack ngaphezu kwanoma iyiphi i-albhamu!
Ejabulile ngalokhu okumangalisayo, uDavido uye ku-Twitter wazwakalisa ukubonga kwakhe ethi, “UNkulunkulu muhle kakhulu” waphinde wabhala wathi “Woah” ekhasini lakhe laku-Twitter.
Abalandeli balo mculi sebeke bajatshuliswa ukuzwa izingoma ezikule albhamu ngesikhathi bebuka uDavido ezicula bukhoma. Amavidiyo asabalale ku-inthanethi akhombisa lo mculi eculela abalandeli bakhe abamkhonzile.
I-albhamu enezingoma ezingu-17 ekhishwe ngomhlaka-31 kuNdasa ikhombisa ukubuya kwalo mculi emculweni ngemuva kokulahlekelwa indodana yakhe u-Ifeanyi eyaminza endaweni yokuhlala ngoLwezi nyakenye.
Esithombeni esingenhla: UDavido
Umthombo wesithombe: Twitter