Sizwe Sibiya
Umnikazi we-Inkabi Records, umrepha nongumlingisi uBig Zulu, owaduma ngengoma ethi Imali Eningi, usekhiphe i-albhamu yakhe yesithathu ethi “Ichwane Lenyoka”.
I-albhamu entsha yalo mrepha, wase-Bergville KwaZulu-Natali, oke waba ngumshayeli wetekisi iqukethe abaculi abafana noMnqobi Yazo, uCofi the poet, uKwazi, uNhlanhla Mhlongo kanye noProKid ongasekho.
Ilandela i-albhamu yesibili kaBig Zulu ethi “Ungqongqoshe Wongqongqoshe”, eyakhishwa ngowezi-2019 kulandela i-albhamu yakhe yokuqala ethi “Ushun Wenkabi”.
Ingoma yakhe eyashisa izikhotha ethi Imali Eningi yenziwa ukuba ithandwe kakhulu nangokwengeziwe yindodana yowayenguMengameli wezwe uJacob Zuma, uDuduzane Zuma, ngesikhathi efaka ividiyo yakhe ehamba nengoma idlala ngemuva.
Leli culo elivela kwi-albhamu elithi “Umuzi e-Sandton”, okuyingoma yothando mayelana nokuthembisa ukuthengela intombazane indlu e-Sandton, selifinyelele ngaphezu kwesigidi esisodwa ngokubukwa emasontweni amane selokhu yaqala ukukhonjiswa ku-YouTube.
Lo mculi oneminyaka engama-34 – ogama lakhe langempela nguSiyabonga Nene – uyaziqhenya ngokuba ngumZulu, kodwa akaze akubalekele ukuqopha nabaculi abacula ngezinye izilimi.
UNene ube nentuthuko ngemuva kweminyaka eminingi ezama ukungena kwezentengiselwano ngokunqoba izimpi emisakazweni ku-SABC, kuKhozi FM, kuClev’ Ungagivaphi kanye nemisakazo ye-hip hop ku-YFM i-Siz ‘N Scoop.
Umthombo wevidiyo: YouTube