Umshini oyirobhothi (Artificial Intelligence) usukwazi ukuthuthukisa ukwelashwa komdlavuza ngezinsuku ezingu-30 kuphela uphinde futhi ukwazi nokusho izinga lokusinda kwesiguli.
Ucwaningo olusha olushicilelwe kwi-journal ye-Chemical Science abacwaningi baseNyuvesi yase-Toronto kanye ne-Insilico Medicine bakhiqize ukwelashwa komdlavuza ngenyanga nje besebenzisa i-Pharma.AI.
Le ndlela entsha yokulapha umdlavuza ihloselwe ukwelapha i-hepatocellular carcinoma (HCC), okuwuhlobo elivamile lomdlavuza elidlavaza isibindi.
Abacwaningi baqale ukunikeza i-AI ulwazi ngayo yonke into ebidingeka ukuze iqhamuke nendlela yokwelapha lo mdlavuza.
Ezinsukwini ezingu-30 nje kuphela, lo mshini ukhiphe ikhambi elingakwazi ukwelapha umdlavuza, kubika i-New York Post.
“Njengoba umhlaba ubuthakasela ukuthuthuka kwe-AI ekhiqiza kwezobuciko nolimi, ama-algorithms ethu e-AI akwazile ukukhiqiza ama-inhibitor anamandla ngohlaka olususelwa ku-AlphaFold,” umsunguli kanye nesikhulu esiphezulu se-Insilico Medicine, u-Alex Zhavoronkov ubhale lokhu esitatimendeni.
I-AI ishintsha ngokushesha izindlela zokusebenza emikhakheni eminingi, ikakhulukazi kwezokwelapha.
Izindlela zendabuko zokukhiqiza imithi zithatha isikhathi futhi ziyabiza.
“Leli phepha liwubufakazi obengeziwe bekhono le-AI lokuguqula inqubo yokutholwa kwemishanguzo ngesivinini, ukusebenza kahle, nokuthola umuntu oqondile,” kusho uMichael Levitt, owawina uMklomelo kaNobel kwezamakhemikhali.
Ucwaningo oluhlukile olushicilelwe kwi-Journal ye-JAMA Network Open belunohlelo lwe-AI obelubikezela ukuthi isiguli esinomdlavuza sizophila isikhathi esingakanani ngemuva kokuxilongwa.
Okwakudingeka kuphela ukuphawula kukadokotela ukuze kutholakale isikhathi anaso umuntu ozama ukusinda.
Ikwazile ukubikezela ukusinda kwezinyanga eziyisithupha, izinyanga ezingu-36 kanye nezinyanga ezingu-60 cishe ngenani elingaphezu kuka-80%.
Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt
Isithombe esingenhla: Amasosha omzimba omdlavuza