
Menzi Magubane
I-Al Ahly iye kwi-Court of Arbitration of Sport (CAS), ifuna ukuthi kushintshwe indawo eqokelwe ukusingatha umdlalo wamanqamu we-Confederation of African Foot (CAF) Champions League ngoMsombuluko.
Iqembu lase-Egypt liyasiphikisa isinqumo se-CAF sokuyisa owamanqamu e-Stade Mohamed V e-Morocco, okuyindawo ye-Wydad Athletic Club. Leli qembu lase-Egypt lifuna kuqokwe indawo engacheme naqembu.
I-Ahly izobhekana ne-Wydad yaseMorocco kowamanqamu kanti okunye abakufuna kwi-CAS ukuthi kuhlehliswe umdlalo. Uma lo mdlalo udlala Morocco, iWydad kuzofana nokuthi idlala ekhaya.
I-CAF imemezele ngesonto eledlule ukuthi umdlalo wamanqamu uzoba e-Morocco kuyona le nkundla lapho i-Ahly yahlula khona i-Kaizer Chiefs ivikela isicoco sayo se-Champions League ngesizini edlule.
Ama-Red Devils asevele ayithumele incwadi yesikhalo kwi-CAS.
“Ithimba labammeli le-Al Ahly lifake isikhalazo seqembu kwi-CAS ngoLwesithathu mayelana nesinqumo esingafanele se-CAF ngendawo okuzodlalelwa kuyo owamanqamu we-CAF Champions League.
“I-CAF inqume ukuthi umdlalo udlalwe endaweni efanayo isizini yesibili kulandelana, inikeze iqembu elilodwa ithuba lokudlala kowamanqamu ekhaya” kusho isitatimende se-Ahly.
“Ithimba labammeli lihambise wonke amaphepha lakhokha nemali edingekayo. Ithimba labammeli ligqamise izimfuno zeqembu zokuthi lidlale umdlalo endaweni engathathi hlangothi noma kuhlehliswe umdlalo kuze kube yilapho i-CAS yenza isinqumo ngaleli cala.”
I-Ahly inawo amalungelo okukhononda nokufuna indawo engathathi hlangothi.
NgeSonto bahlulwe yiqembu lase-Angola i-Petro de Luanda emlenzeni wesibili owandulela owamanqamu. Bakwazile ukudlulela kowamanqamu ngoba behlule i-Angola emlenzeni wokuqala.
Umdlalo wamanqamu kuzobe kungowesithathu we-Al Ahly kulandelana futhi ingaqopha umlando uma ingakwazi ukuwina. Bangase babe yiqembu lokuqala ukuwina lo mqhudelwano amahlandla amathathu kulandelana.
Umthombo wesithombe: @CafOnline