I-Al Ahly ihluliwe, kodwa uPitso uzuze inhlonipho

Menzi Magubane

Igama elithi Pitso “Jingles” Mosimane lisazozwakala emhlabeni webhola isikhathi eside esizayo.

Yize ehlulwe kowandulela owamanqamu eNdebe yoMhlaba ye-FIFA ngamabili eqandeni ngoMsombuluko ebusuku, uMosimane uzuze inhlonipho ngesibindi esitshengiswe ngabadlali bakhe kulo mdlalo.

I-Al Ahly kaMosimane ibibambene nompetha base-Europe iBayern Munich, eyaziwa ngabaningi njengeqembu elihamba phambili emhlabeni.

Kodwa uMosimane ngokwakhe wayengeyena umuntu ojabule ngemuva kokuhlulwa emdlalweni wakhe wokuqala njengomqeqeshi wamaRed Devils.

“Ngikuzwile ukulahlekelwa kwami ​​kokuqala, ngigula kakhulu,” ebhala ku-twitter ngemuva komdlalo.

Abaningi bangabona sengathi uJingles uzithwesa umthwalo, kodwa irekhodi lakhe ne-Al Ahly likhombisa ukulangazelela kwakhe ukunqoba. Kusukela uMosimane ejoyine iqembu lase-Egypt ngoMandulo banqobe imidlalo eyi-18 badlala ngokulingana kwemine, kanti ukuhlulwa kwabo kokuqala kule sizini bebhekene neBayern.

“Akusiyo imiphumela ebesiyifuna. Kuzofanele sithuthukise izintoi eziningi,” kusho uMosimane.

“Ibhola ezingeni leNdebe yoMhlaba likukhombisa ukuthi unomsebenzi omningi okufanele uwenze, ikakhulukazi uma udlala noMphetha base-Europe.”

Yize kube nomphumela odumazayo, uMosimane ubhale igama lakhe ezincwadini zomlando wendebe yomhlaba yeklabhu: ungumqeqeshi wokuqala waseNingizimu Afrika ukuhola iqembu emidlalweni emine yokugcina yalo mqhudelwano.

Ngowe-2016 uMosimane waba ngowokuqala waseNingizimu Afrika owake waqeqesha kulo mqhudelwano neMamelodi Sundowns. Uhlulwe kuma-quarter-final eqenjini lase-Japan iKashima Antlers, egcine ihlulwe yiReal Madrid kowamanqamu.

NgoLwesine uMosimane ne-Al Ahly yakhe bazobhekana neqembu lase-Brazil iPalmeiras emdlalweni wokuhlungela indawo yesithathu e-Education City Stadium e-Doha, e-Qatar ngehora le-5 ntambama. Lona ngumdlalo wokuvula owamanqamu, lapho iBayern Munich enqobile izobhekana neqembu lase-Mexico iTigers UANL.

Izihloko zakamuva