I-Ajax izonxephezela umndeni womdlali

Dylan Bettencourt

I-Ajax Amsterdam isivumile ukukhokhela umndeni ka-Abdelhak “Appie” Nouri u-R135 million kulandela ukumelwa yinhliziyo enkundleni okwamshiya elimele ubuchopho unomphela.

UNouri oneminyaka engu-20 ubudala wayenekusasa eliqhakazile ebholeni lomhlaba kwaze kwaba yilapho ehlelwa inhlekelele ngesikhathi bebhekene ne-Werder Bremen ngo-2017.

Uphenyo ngalesi sigameko lwathola ukuthi ithimba lezokwelapha lathatha isikhathi eside lizama ukubuyisa umoya womdlali wasesiswini futhi alizange lisheshe ngokwanele ekusebenziseni i-defibrillator.

Ngaphezu kwesinxephezelo abasikhokhela umndeni, i-Ajax izoqhubeka nokukhokhela ukunakekelwa kukaNouri.

Lo mdlali osemncane ubenza umsebenzi osezingeni eliphezulu, edlalela iqembu lase-Netherlands labaneminyaka engaphansi kwengu-21 futhi wadlala imidlalo engu-15 kwi-Ajax.

Umphathi weqembu kanye nalowo owayengumdlali we-Manchester United u-Edwin van der Sar uthe uyajabula ngokuthi kungenzeka kufinyelelwe esivumelwaneni phakathi kwalezi zinhlangothi zombili.

“Sonke siyabona ukuthi ukuhlupheka kuka-Abdelhak, kanye nabathandiweyo bakhe, akukapheli. Kuseyisimo esibuhlungu kakhulu emndenini nakithi eqenjini i-Ajax,” esho.

I-Ajax yasula ijezi likaNouri elingunombolo-34 futhi yethula i-Abdelhak Nouri Trophy eklonyeliswa ngomdlali wayo ohamba phambili we-Academy unyaka ngamunye.

Ubaba walowo owayengumdlali webhola uMohammed Nouri uthe ubudlelwano phakathi kweqembu nendodana yakhe ngeke buntengantenge.

“Ukuzibandakanya nokuzinikela kwe-Ajax nakho bekubaluleke kakhulu kuyo yonke le minyaka. I-Ajax ibiyingxenye yezimpilo zethu kusukela u-Abdelhak esemncane. Siyabuthokozela ubudlelwano phakathi kwabantu eqenjini kanye nabalandeli abaqotho.”

Umthombo wesithombe: @Versus

Izihloko zakamuva