Owayengumdlali wasesiswini we-Ajax Cape Town uNhlanhla Shabalala uthi kunempi yokucwasana phakathi kwabadlali abamnyama namakhaladi eqenjini.
I-Ajax yayinamandla ebholeni lakuleli iminyaka eminingana ngaphambi kokuthi i-Ajax Amsterdam inqamule ubudlelwano neqembu.
I-Ajax Cape Town ibidume ngokunikeza intsha ithuba lokuveza ikhono layo esigabeni sokuqala sebhola lakuleli.
Nokho uShabalala udalule ukuthi ukungezwani eqenjini ngenxa yobuhlanga sekuyinto esidonse isikhathi eside eqenjini.
“Iqembu licishe labhidlika ngenxa yokungezwani kwabadlali bezinhlanga ezahlukene,” kusho uShabalala etshela i-TK Solutions TV ku-YouTube.
“Bekugcwele abadlali abangamakhaladi eqenjini le-Ajax kanye nabamnyanga kwase kufanele abamhlophe banqume ukuthi bazowela kuphi. Ngisho nasekuqeqesheni abadlali bamakhaladi babekhahlela abadlali abamnyama bese kuthi abamnyama baziphindiselele.”
UShabalala udalule ukuthi uThulani Serrero, ongomunye wabadlali abahamba phambili kuleli wahlaselwa ngabadlali ngenxa yokwanda kodumo lwakhe.
“Abathandanga ukuthi uSerero usephenduke isihlabani esidumile. Futhi abazange bakuvumele ukusebenza kwakhe. USerero ubengumfanyana omncane ngaleso sikhathi kwadingeka ukuthi singenelele ngoba amakhaladi ayengayeki ukumkhahlela.
“Bekuba nezingxoxo ezikucacisa kabanzi ukuthi kukhona abamnyama namakhaladi eqenjini okwadala ukungezwani okwenza iqembu lihlukane phakathi,” kuchaza uShabalala.
I-Ajax Cape Town yehlele esigabeni sesibili sebhola lakuleli ngesizini ka-2017/18.
Ngemuva kokuthi i-Ajax Amsterdam inqamule ubudlelwano, leli qembu laphinde laqanjwa kabusha njengoba selibizwa ngeCape Town Spurs.
Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt
Isithombe esingenhla: UNhlanhla Shabalala ogijima ku-Ajax Cape Town
Umthombo wesithombe: @CapeTownSpurs