Dylan Bettencourt
Inhlangano elwela amalungelo abantu i-AfriForum ithi izozulazula emngceleni ohlukanisa elakuleli ne-Zimbabwe endaweni yase-Musina e-Limpopo.
I-AfriForum yethule lolu hlelo kulandela izikhalazo zokuthi uhulumeni akakwazi ukuvimbela abantu abaqhamuka emazweni angaphandle noma amise ukushushumbiswa kwabantu abawela imingcele ngemuva kokulimala kothango lwezigidi zamarandi.
Umphathi womkhankaso uJacques Broodryk uthe lolu hlelo balusungule ngemuva koxhaso abalutholile kulandela ukwethulwa kohlelo lwabo olubizwa nge-Open Borders olukhombisa ukungalawuleki kahle kwemingcele phakathi kwelakuleli ne-Zimbabwe.
UBroodryk wengeze ngokuthi banikelelwe ngezinja ezimbili zokuhogela ezizoqeqeshwa kanti izikhungo eziqapha umphakathi zizosebenzisana nezinhlaka zomthetho ukugada umngcele.
“Abashushumbisi basebenzisa izindawo ezinezihlahla eziminyene ukweqa umngcele kanti lezi zinja ezihogelayo zizosiza ukuthi zisheshe zingene endleleni yabashushumbisi. Inja (uDuke) izosizana nabomthetho uma kuvinjwe umgwaqo ngenxa yekhono lakhe elihlukile lokuhogela izibhamu nezidakamizwa.”
“Phakathi kukaNhlangulana ngoMandulo nyakenye i-AfriForum yaqapha indawo yase-Musina yasiza ukushaqa ukushushumbiswa kwempahla engabiza ngaphezulu kuka-R12 million.”
Ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yesabelomali uNgqongqoshe Wezasekhaya uDkt Aaron Motsoaledi, uthe abantu bakwamanye amazwe bayinkinga futhi wavuma ukuthi kunezinkinga zokulawulwa kwemingcele yakuleli.
“Akumele ngidalule ngokwenzeka ezweni lethu ikakhulakazi ngale nkinga sonke esiyaziyo,” kusho uMotsoaledi.
Wengeze ngokuthi ukuqashwa konogada emngceleni kusetshenziswe inqubo ye-Border Management Authority.
Umthombo wesithombe: @TheSouthAfrican