I-ActionSA kaHerman Mashaba ifuna ukunqoba omasipala abayisithupha – ngokuxosha abokufika

Lungani Zungu

Iqembu elisha likaHerman Mashaba i-ActionSA, isebenza kanzima ukuze inqobe omasipala abayisithupha encintisana kubo okhethweni lohulumeni basekhaya oluzayo.

Yize leli qembu elinonyaka likhona libhekene nezinkinga, lowo owayeyiMeya ye-DA eGoli uthi unesiqiniseko sokuthi uzonqoba ngenyanga ezayo lapho iqembu lakhe elizongenela khona ukhetho okokuqala ngqa.

I-ActionSA izongenela ukhetho komasipala abayisithupha, abathathu eKZN kanye nabathathu e-Gauteng.

EKZN, i-ActionSA izoncintisana e-Newcastle, eThekwini kanye naKwaDukuza. E-Gauteng, leli qembu lizoncintisana e-Ekurhuleni, e-Tshwane kanye naseGoli, lapho uMashaba angenele khona isikhundla sobuMeya.

Lesi isikhundla esifanayo naleso asiphathe kusuka ngowezi-2016 kuya kowezi-2019 esayilungu le-DA.

UMashaba utshele abalandeli bakhe e-Tshwane ngoLwesithathu ukuthi uzophuma aye e-Gauteng ukuyonxenxa abavoti.

“Asifuni ukuba semabhentshini aphikisayo, kodwa sifuna ukuba yiqembu elibusayo komasipala base-Gauteng esincintisana kubo”.

“Seziphelile izinsuku zamaqabane. Yini eningabaphathi hhayi osopolitiki. Sibuyisela amandla kini,” kusho uMashaba.

Ugxeke i-ANC ne-DA, ebasola ngokuhluleka ukuphatha kahle omasipala ababaholayo.

“Seziphelile izinsuku zokuheha abantu ngamaphasela okudla. Uma sesithathe izintambo, sizoqinisekisa ukuthi sinika abantu imisebenzi esimeme,” esho.

UMashaba phambilini wagxekwa kakhulu ethi abokufika mabahambe ezweni, ebasola ngokwenza ubugebengu emalokishini afana ne-Alexandra kanye naseGoli.

Yize kwaba khona ukuhlukumezeka, owayeyiMeya wama emazwini akhe.

Ngasekuqaleni kwaleli sonto, uthe iqembu lakhe lizoqinisekisa ukuthi kunophiko oluyisipesheli emaphoyiseni kamasipala elizobhekana nabantu bokufika abahleli ngokungekho emthethweni, uma kwenzeka bewina noma yibaphi omasipala okhethweni.

“Sidinga ukuvuselela idolobha laseGoli futhi sivumele izinkampani ezizimele ukuthi zakhe indawo yokuhlala engabizi. Kumele siqede abantu bokufika abahleli ngokungemthetho. Lolu daba alunakuxoxwa, lukuMthethosisekelo wethu,” esho engxoxweni abe nayo.

Emasontweni ambalwa edlule leli qembu lenze uhlelo lwezinombolo lathi, lihamba phambili ngo-31% ukwedlula i-ANC ngo-30% futhi lingaphambili kwe-DA ngo-24%. Lezi zinombolo azikaqinisekiswa yinhlangano ezimele yokuvota, kodwa uMashaba uthi uyindoda ejabulile.

“Lokhu kukhombisa ukuthi kungenzeka abantu basivotele, okwenza ngijabule”.

Kodwa-ke, akwaziwa ukuthi bazothola amavoti anele yini okuphatha omasipala noma babe ngabaphathi kwamanye amadolobha. Ukuhluleka kunoma yimuphi umsebenzi kuzokwenza iqembu likaMashaba libhujiswe.

Izihloko zakamuva