Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Iyavutha i-ActionSA ngomasipala waseThekwini ethi usetshenziswa yi-ANC ukuvikela abantu bokufika kuleli ukuba bangaphenywa ngezipaza ezisemalokishini.
Lokhu kulandela ukuthi ngoMsombuluko kuthe uma umholi wekhokhasi ye-ActionSA uMnuz Zwakele Mncwango ephakamisa ukuba umasipala wenze uphenyo olunzulu ngezitolo zabokufika abangenawo amaphepha okuba kuleli abagcwele emalokishini kodwa amakhansela e-ANC amchitha ngazo zombili.
UMncwango ubefuna uphiko olubhekele amabhizinisi nokuhlelwa ukuba kuxhaswe imnotho wasemalokishini kumasipala weTheku lwenze uphenyo njengoba kunezikhalo zokuthi zonke izipaza seziphethwe abasuka kwamanye amazwe abakuleli ngokungemthetho.
Kuthe uma eqeda ukwenza lesi siphakamiso kwabanokuvungama kwaze kwakhuza uSomlomo uMnuz Thabani Nyawose.
UNyawose ube eseyalela ukuba kuvotwe nokuthe ngemuva kwalokho i-DA yaligodla elayo ivoti kwathi i-ANC ebinamavoti amaningi, angu-86, yavotela ukuba sichithwe isiphakamiso sokuphenywa kwabokifika nezitolo zabo emalokishini.
Kwabaseke lesi siphakamiso kube amakhansela ambalwa e-EFF kanye namaqembu amancane, abagcine bebangamavoti angu-42.
Umncwango, obethukuthele eveva, uthe sekucace ngokusobala ukuthi i-ANC awinandaba nabantu bakuleli kodwa ivikela abangaphandle abakuleli ngokungemthetho.
“Kuyihlazo ukuthi uKhongolose uhlangene ne-DA babona abantu ababalulekile kungabangaphandle abakuleli ngokungemthetho. Bancamela ukubukelela phansi izimpilo zabantu bakithi emalokishini ngoba bekhathazeke ngabokufika,” kusho uMncwango.
Kwenzeka lokhu nje kusakhalwa namanje ngemali yesikhwama okwakuthiwe iyosiza abanikazi bezipaza bakuleli ngemuva kwezidubedube zango-2015 lapho uMdlokombane ayekhale khona ngokuthi zonke izitolo okwakungezabantu bakuleli seziphenduke amanikiniki abantu bokufika abakuleli ngokungemthetho.
Kwavela ukuthi izipaza zabokufika zishibhile ngoba bona kunendlela ehlelekile yokubaxhasa uma beyothenga impahla abayidayisayo.
OwayenguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, nokoNgiwa kweMvelo eKZN uMnuz Sihle Zikalala wasungula isikhwama okwakuzosizakala ngaso abanikazi bezipaza bakuleli.
NowayenguNdunankulu uMnuz Senzo Mchunu yena wamemezela ukuthi kuzoba nesitolo esikhulu okwabe kuhlelelwe ukuba sizoba i-Wholesaler yabanikazi bezitolo bakuleli abazokwazi ukuthenga impahla ngamanani aphansi ngokusizwa iThala.
Nokho kukhalwa ngokuthi konke lokho akukaze kwenzeke kuze kube manje.