Lungani Zungu
Iqembu lezepolitiki lowayeyiMeya yaseGoli uHerman Mashaba, i-ActionSA, liya enkantolo ngemuva kokuthi iKhomishini Yokhetho Ezimele (i-IEC) inikeze “izizathu ezingagculisi” zokukhishwa kwamagama ezinhlangano emaphepheni okuvota asalungiswa.
Okhulumela iqembu uLerato Ngobeni uthe iqembu lizofaka isicelo esiphuthumayo mayelana ne-IEC ngoLwesibili ntambama.
“Aseneme neze ngempendulo yabo, ngakho-ke ayikho enye into esingayenza ngaphandle kokuthi siye enkantolo,” kusho uNgobeni etshela i-Scrolla.Africa ngoMsombuluko.
“Ephepheni lokuvota le-IEC elibhalwe phansi, kunezimpawu ze-logo yethu kuphela – igama leqembu aliveli, futhi isikhala esingenalutho sisele endaweni yalo.”
I-ActionSA, okuyiqembu elisha kwezepolitiki, lizobamba iqhaza okhethweni okokuqala ngomhla wokuqala kuLwezi.
“Ukube bebehlangabezana nathi futhi ukube bebezohlala phansi nathi bachaze uhlangothi lwabo, mhlawumbe besingeke sithathe isinyathelo somthetho esisithathile,” kusho uNgobeni.
I-ActionSA inikeze i-IEC umnqamulajuqu wangehora le-10 ekuseni ngoMsombuluko ukulungisa iphutha lokwakhiwa kwephepha lokuvota, nokufaka igama leqembu labo kanye nesiqubulo sabo.
I-IEC yethule amaphepha okugcina okuvota ezigceme zase-Gauteng, anomasipala abaningana abazongenela ukhetho, kubandakanya nowaseGoli – owake waholwa nguMashaba ngesikhathi esayilungu le-DA.
Amaphepha okuvota anikeza namagama alabo abazongenela ukhetho esigcemeni, iziqubulo zamaqembu kanye namagama afushanisiwe amaqembu.
Amanye amalungu aqavile aleli qembu kubalwa ababengamalungu e-ANC ePhalamende uDkt Makhosi Khoza, owayeqokelwe ukuba yiMeya yeTheku, uVytjie Mentor noJohn Moodey, owayengumholi we-DA e-Gauteng.
UKate Bapela we-IEC unqabile ukuphawula ngesikhathi ethintwa i-Scrolla.Africa.
“Asiphawuli ngalolu daba njengamanje. I-ActionSA inokuxhumana okuqondile nosihlalo we-IEC kanye neNkantolo Yokhetho,” kusho uBapela.