Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli Wezepolitiki
Isivumelwano esisha phakathi kwe-ANC ne-ActionSA eGoli kulindeleke ukuthi sikhiphe iMeya yaseGoli uKabelo Gwamanda kuleli sonto.
Ngokusebenzisana ne-ANC, i-ActionSA izothatha isikhundla sikaSomlomo, kanti umholi we-ANC esifundeni uDada Morero kulindeleke ukuthi abe yimeya entsha yedolobha.
Lezi yizindaba zakamuva kulandela ukungaboni ngaso linye phakathi kwe-ANC ne-EFF, engaphandle kukaHulumeni woBumbano lukaZwelonke kuHulumeni kazwelonke.
I-ANC iphinde yanqamula ubudlelwano ne-EFF kumasipala waseKurhuleni.
Kule nyanga, i-EFF inqabile ukuvotela imali ehlongozwayo engu-R2.5 billion i-ANC efuna ukuxhasa ngayo ukushoda kwesabelomali eDolobheni laseGoli.
Ngaphandle kwesabelomali salo sika-R85 billion, idolobha libhekene nezinkinga zokunakekela kanye nokushintsha ingqalasizinda yalo endala, okuhlanganisa nokulungisa izingxenye zedolobha ezacekelwa phansi ukuqhuma kwegesi ye-methane ngonyaka odlule.
Izindleko zokulungisa sezinyuke zaba ngaphezu kuka-R200-million.
Umholi we-ActionSA uHerman Mashaba uthe iqembu alizihlanganisi nomfelandawonye we-ANC futhi asikho isivumelwano esisayiniwe neqembu elibusayo.
“Sizovumela i-ANC nabasebenzisana nayo njengamanje ukuthi baphathe isigungu esiphezulu. I-ActionSA izothatha izintambo zesishayamthetho namanye amakomiti ezonikezwa wona ukuze ibhekelele ozakwabo bamanje.
“I-ActionSA izongena esikhundleni sikaSomlomo.”
Uthe lesi sikhundla sizovumela i-ActionSA ukuthi ibhekelele ukusebenza kwedolobha futhi ithuthukise ukusebenza kwayo njengeqembu eliphikisayo.
Esithombeni ngenhla: IMeya yaseGoli uKabelo Gwamanda kulindeleke ukuthi ikhishwe esikhundleni kuleli sonto.
Umthombo: witsvuvuzela.com
