Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
I-Forum for Service Delivery ijoyine i-ActionSA, yaletha amalungu angu-40,000 kanye nokulawula umasipala wase-North West.
Lokhu kuhlangana kuyinhloso yokwakha iqembu eliphikisayo elinamandla ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya lwango-2026.
I-ActionSA ihlanganyele ne-Forum for Service Delivery ukukhulisa amathuba ayo okhethweni lwasekhaya lwango-2026.
Lesi sivumelwano senzeke ngoLwesithathu ngesikhathi uMengameli we-Forum for Service Delivery uDkt Mbajima Kekana eba yiPhini likaMengameli we-ActionSA.
Lesi sinyathelo siyingxenye yohlelo lwe-ActionSA lokusebenza namaqembu amancane babelane ngemibono mayelana nokulungisa iNingizimu Afrika.
I-Forum for Service Delivery yaqala ngo-2015 ukulwa nokungalethwa kahle kwezidingo ngaphansi kukahulumeni we-ANC. Okhethweni lwabo lokuqala lwasekhaya ngo-2016, bathole izihlalo ezingu-30 komasipala abangu-30.
Benze kangcono kakhulu ngo-2021, bathola izihlalo ezingu-38 ezifundazweni ezinhlanu okubalwa i-North West, i-Limpopo, i-Free State, i-Mpumalanga ne-Northern Cape.
I-Forum iza namalungu angu-40,000 futhi iyiqembu lesine ngobukhulu e-North West. Njengamanje ibambe isikhundla sobumeya kuMasipala waseDitsobotla.
UMengameli we-ActionSA uHerman Mashaba uthe bafuna ukuba namandla kune-EFF ne-MK Party ePhalamende.
“Uma kuyiwa okhethweni lwasekhaya, amakhansela e-Forum for Service Delivery azoba nobulungu obubili,” usho kanje.
“Lokhu kwenzelwa isiqiniseko sokuthi bayabugcina ubuholi babo emawadini abawaholayo kuze kube wukhetho luka-2026. Bazokhankasa ngaphansi kwesibhengezo se-ActionSA kanye nobuso be-ActionSA,” usho kanje.

UDkt Kekana uthe bake bazama ukusebenzisana namanye amaqembu amancane phambilini kodwa kwangalunga.
Ngesikhathi i-ActionSA inquma ukunqamula ubudlelwano ne-DA eTshwane sakubona kuyithuba lokukhuluma nayo ukuze sisebenzisane njengoba siphethe imigomo efanayo.
“Siyakuqonda ukuthi ngeke sikwazi ukubunqoba ubuholi baseNingizimu Afrika ngokusebenza sodwa, lokhu kubambisana kuzoholela ekutheni siwine omasipala abaningi futhi singenele ukhetho lukazwelonke oluzayo,” usho kanje.
UKekana ukhathazekile ngezinsiza ezindaweni zasemakhaya.
“Ukulethwa kwezidingo ezindaweni zasemakhaya kuntekenteke njengoba abaholi bengafuni ukufinyelela ezindaweni noma babe namakhono okubhekana nezingqinamba,” usho kanje.
Esithombeni esingenhla: uMengameli we-ActionSA uHerman Mashaba noDkt Mbajima Kekana.
Umthombo: Doreen Mokgolo