I-ActionSA ayizovota ne-ANC ukuchitha imeya yaseTshwane

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

I-ActionSA yaseTshwane ithi ngeke ihlanganyele ne-ANC ekuvoteleni ukususa iMeya yesigungu se-DA e-Tshwane, uCilliers Brink, ngoLwesine. 

Yize kunjalo, leli qembu limemezele izinhlelo zokusebenzisana ne-ANC e-Tshwane naseKurhuleni. Kusukela ngo-2021, i-ActionSA ibiyingxenye yomfelandawonye wamaqembu amaningi emkhandlwini wase-Tshwane oholwa yi-DA. 

NgoLwesihlanu olwedlule, abaholi be-ANC kumasipala bathe bazozama ukususa uBrink emhlanganweni womkhandlu wangoLwesine.

I-ActionSA ibize isu le-ANC njengeqhinga elibhedayo lokuphazamisa inqubekela phambili kahulumeni wobumbano. 

“Ngeke siphazanyiswe yilo mdlalo wepolitiki futhi sizolokhu sigxile ekusizeni izakhamizi zase-Tshwane,” isho kanje.

NgoMsombuluko, umholi we-ActionSA uHerman Mashaba wabelane ngezinhlelo zokuthi i-ActionSA isebenzisane ne-ANC ukuze kuzinziswe idolobha laseGoli kanye naseKurhuleni. 

Ukubeke kwacaca ukuthi lesi sinqumo asiwuthinti umfelandawonye weqembu e-Tshwane. 

“Sisazimisele ngokusebenza kumfelandawonye ngokubambisana e-Tshwane, nakuba kunezinkinga,” kusho uMashaba.

UMashaba uphinde wathi:  “I-ANC izosiza ekukhipheni esikhundleni usomlomo we-African Transformation Movement e-Tshwane ukuze kuvuleleke isikhala kungene umuntu omele i-ActionSA.”

Ugcizelele ukuthi leli qembu alibumbi umfelandawonye ne-ANC kodwa lisebenzisana nayo ukuletha uzinzo.

UNobhala we-ANC eTshwane, uGeorge Matjila, uthe abakaxoxi ngokusemthethweni ne-ActionSA futhi bezwe ngezimo zabo ngabezindaba. 

“Uma benemibandela kumele bakhulume nathi ngqo ukuze sikwazi ukuphendula,” usho kanje.

Abaholi besifunda be-ANC bahlangane ngoLwesibili ukudingida izinyathelo zabo ezilandelayo nokuthi izimfuno ze-ActionSA zingase zibe nomthelela kanjani ohlelweni lwabo lokususa imeya.

Uma bevuma, i-ANC izohambisa isiphakamiso sabo eMnyangweni wezinhlelo ngoLwesithathu ekuseni.

Esithombeni ngenhla: Umholi we-ActionSA uHerman Mashaba. 

Umthombo: Doreen Mokgolo 

Izihloko zakamuva