Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
I-ActionSA KwaZulu ishaya amakhala ngezinhlelo zokwakha isiShayamthetho esisha kwelikaMthaniya.
Leli qembu lithi kunokuthi kumoshwe imali yabakhokhibentela kungcono kubuyelwe oNdini.
I-ActionSA ithi uhulumeni wase-KZN awunamali futhi ngeke usakwazi ukukhokha imali engu-R11-million kumahhovisi ezifundazwe.
Umholi we-ActionSA e-KZN uZwakele Mncwango uthe kukhona ngisho uhlelo lokwakhiwa kwesiShayamthetho esisha eMgungundlovu esibiza u-R6.8 billion.
“Inkinga bafuna ukuchitha izigidigidi ngento abangakwazi ukuyigwema, esikhundleni sokuthi baqashe noma bakhe indawo entsha kumele bathuthe isiShayamthetho babuyele oLundi.
Endaweni yasoLundi, isiShayamthetho esidala sisenayo yonke indawo esetshenziswa uMnyango wezemisebenzi yomphakathi. Singakwazi ukonga imali siye oLundi ngoba abakhokhi bentela vele bayayikhokha imali,” kusho uMncwango.
Uphinde wagxeka labo abakhala ngokuthi indawo yasoLundi ikude.
“Kukude kuphi? Bheka nje bengihamba ibanga elingamakhilomitha angu-300 ngisuka kwaNongoma ngiya eMgungundlovu ngiseyilungu lesiShayamthetho, kodwa angikaze ngikhale ngebanga. Yini ebaluleke kangaka ngalabo abathi abakwazi ukusuka eThekwini baye oLundi ngoba kukude?” kubuza uMncwango.
I-ANC yathutha isiShayamthetho oLundi yasiyisa eMgungundlovu ngemuva kokuthatha izintambo esifundazweni ngo-2004.
Isithombe esingenhla: Umholi we-ActionSA KZN uZwakele Mncwango
Umthombo wesithombe: I-TimesLive