UKUDUTSHULWA OKWESABISAYO EMDLALWENI WAMAKHADI

Mkhuseli Sizani

Bekufana nebhayisikibho esabisayo. Ubelele endlini elokishini lase-Missionvale, e-Port Elizabeth ngeSonto.

Lapho yena nabangani bakhe bebezipholele khona ngenkathi oshayasibhamu bephusha umnyango beqala ukudubula.

“Ngacasha ngaphansi kosofa ngenkathi izinhlamvu zishaya abangani bami,” kusho le ndoda, eneminyaka engama-34, ecele ukungadalulwa ngoba isaba ukuthi oshayasibhamu bengamzingela.

Utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi ngaphambi kokuhlaselwa “besibhema ipayipi futhi sidlala amakhadi ngenkathi ngilala kusofa.

“Emuva kwemizuzu embalwa ngivuswe ukuqhuma kwesibhamu. Ngiguqule usofa ngawubeka phezu kwami ​​ngenkathi amalungu ezigelegeqe emi emnyango ngasendlini yokugezela evulela ngenhlamvu.

“Ngizwe kuqhuma isibhamu kaningi kwathi ngemuva kwemizuzu embalwa kwathuleka,” kusho lo mlisa ehluleka ukubamba izinyembezi emehlweni akhe.

“Ngiphume ngabona abangani bami abathathu belele phansi begcwele igazi. Ababili babo babebukeka sengathi bashonile. Ngangithuthumela. Ngigijimele phandle ngacela usizo. ”

Uthe ngosizo lwamalungu omphakathi, abangani bakhe abalimele baphuthunyiswe esibhedlela ngemoto.

“Sengicabanga nokushiya le ndawo ngoba impilo yami isengcupheni,” kusho le ndoda.

Okhulumela amaphoyisa u-Colonel uPriscilla Naidu uthe: “Isisulu esisodwa, Darren Ruiters, udutshulwe amahlandla amaningi wagcina eshona ngenxa yokulimala kakhulu. Abanye besilisa ababili nabo bathole ukulimala base bephuthunyiswa esibhedlela ngaphambi kokuba kufike amaphoyisa. ”

Uthe imbangela yokudutshulwa ayaziwa kanti uphiko oluphenya amacala obugebengu obuhleliwe esifundazweni luphenya icala lokubulala namacala amane okuzama ukubulala.

Isithombe esithwetshuliwe: Amaphoyisa asusa isidumbu sikaDarren Ruiters ngemuva kokudutshulwa yiqembu lezigelekeqe. Isithombe ngoMkhuseli Sizani

Izihloko zakamuva