Hlangana nowesifazane ochama amanzi amponjwana engawaphuzanga

Arthur Greene

Owesifazane ochama utshwala engaphuzanga nethonsi elilodwa, ungumuntu wokuqala ukutholwa enesifo se-“urinary auto-brewery syndrome,” kubika i-NewScientist.

Lo wesifazane oneminyaka engama-61, ocele ukungadalulwa, uphethwe yisifo sikashukela ne-liver cirrhosis, futhi ubedinga ukufakelwa isibindi.

Kodwa noma inini uma odokotela behlola umchamo wakhe, babethola iminonjana yotshwala, ngakho-ke inqubo yayingakwazi ukwenzeka.

Lona wesifazane waphikelela ngokuthi wayengaphuzanga ngisho ithonsi elilodwa lotshwala. Kodwa odokotela bakhe benqabile ukumkholwa, bamsusa ohlwini lokulindela isitho esivela kwabanikela ngazo. Kunalokho wathunyelwa ekwelashweni kokuphuza ngokweqile.

Odokotela baqhubeka ukumangazwa yilokhu okwenzeka kuye, ngakho wadluliselwa esibhedlela i-University of Pittsburgh Medical Center Presbyterian Hospital e-Pennsylvania, eMelika.

Nakulokhu, odokotela basala bekhungathekile, njengoba ucwaningo luveza ukuthi lo wesifazane ubenotshwala emchameni wakhe kodwa bungekho egazini lakhe.

Udokotela wezifo obizwa ngoKenichi Tamama wacelwa ukuba angenelele, naye wathola imvubelo emchameni walo wesifazane.

Yize lokhu kungeyona into ejwayelekile, wasola ukuthi isifo sikashukela sowesifazane sasibangela ukuthi kube namazinga aphezulu kashukela emchameni wowesifazane, owawubiliswa yimvubelo ukukhiqiza utshwala.

Ukuqinisekisa ukusola kwakhe, uTamama wenza ucwaningo lapho ashiye khona iziqukathi eziningana zomchamo – ezinamazinga aphezulu noma aphansi emvubelo – ukuze zihlale ubusuku bonke.

Kwakungadingeki nokuthi ahlole amazinga otshwala uma ebuya ngakusasa ezohlola iziqukathi!

“Ngisho nangaphambi kokubhekisisa, saliqaphela iphunga lotshwala lale nhlobo,” kusho uTamama. “Ngakusasa, iphunga lase liliningi kakhulu.”

UTamama utshele abezindaba ukuthi yena nozakwabo bashaqekile ngabakutholile. Kodwa lo wesifazane ngokusobala wayekhululekile; okungenani manje odokotela bazokholwa ukuthi akayena umlutha wotshwala.

Izihloko zakamuva