“Hlalani emibhedeni” kusho abashayeli bamatekisi kubagibeli

Everson Luhanga

Abashayeli bamatekisi eGoli baqhubeke ngokusabisa ngeSonto ebusuku ukuthi bazobhikisha ngoMsombuluko.

“Ningalinge nje nimoshe izinsipho zenu mahhala. Hlalani ekhaya. Kahle kahle ningavuki nje sdalo. Hlalani emibhedeni,” kusho omunye wabashayeli.

Lokhu kusabisa ngokubhikisha kuze ngemuva kokuthi izinhlangano zamatekisi zifune ukongozelelwa ngemali ethe xaxa eyisibonelelo se-Covid-19 kuhulumeni.

Ngeviki eledlule uhulumeni uye wamemezela isijumbu sesigidigidi esiyi-R 1.135 ukulekelela abashayeli bamatekisi ngesibonelelo se-Covid-19. Lokhu kusho ukuthi kuzoba yi-R 5 000 itekisi ngalinye.