UDonald Trump ubhekene nekusasa elifiphele njengoba elungiselela ukuphuma e-White House okokugcina ngoLwesithathu.
Ekuphumeni kwakhe emnyango uMengameli waseMelika wayelungiselela ukuxolela abangaphezu kwekhulu abambisene nabo ngezenzo zobugebengu – ecindezela intukuthelo eyodwa yokugcina kusukela emahoreni angama-24 okugcina esesikhundleni.
Ngokungafani nabo bonke oMengameli kule minyaka eyi-162 edlule uTrump ngeke aye emcimbini wokugcotshwa kwalowo ongene esikhundleni sakhe uJoe Biden. Yena nomndeni wakhe bazondizela e-Mar a Lago resort e-Florida lapho ezoba nesikhathi esiningi sokudlala igalofu nokudla isitshulu.
Njengoba iMelika nomhlaba zilungiselela ukugubha, konke kuzobe kuwukwehla kuka-Don the con:
•Ungene shi ezikweletini – kuzokhokhwa amakhulu ezigidi zamadola njengoba amabhange enqaba ukuboleka izinkampani zakhe
• Umkhiqizo wakhe wonakele – akekho ozophinde akhe amahhotela kaTrump
• Ngisho nenhlangano yama-Proffesional Golfers ikhiphe umncintiswano wayo enkundleni yakhe yegalufu
• Ubhekene nenqwaba yamacala asemthethweni ahlanganisa nokushushiswa nenkohliso yentela e-New York
• Angabekwa icala lokugqugquzela uthuthuva – okuyinto aseke wayihlokoza
• I-Twitter kanye nezinye izingosi zokuxhumana zimvimbile kumapulatifomu azo
• Ukwamukelwa kwakhe kungama-34% futhi kuyacwila
Ngaphambi kokuthi noma ngubani aqale ukumdabukela, uTrump ushiye iMelika isenkingeni.
Njengoba endizela e-Washington DC nge-Airforce One uzoba nesikhathi sokucabanga ngesikhathi sakhe sokuba sehhovisi: iminyaka emine yamanga angapheli nenkohlakalo, ukukhuphuka kobuzwe obumhlophe, iziphambeko ezimbili kanye nokufa kwabantu baseMelika abangama-400,000 ngenxa ye-Covid.
Ngemuva kokwehlulwa okhethweni, waqamba amanga amakhulu, ekholisa izigidi zabantu ukuthi unqobile, futhi wacindezela izinkulungwane zabalandeli bakhe ukuba bahlasele i-Capitol.
Uzobhekela phansi idolobha elifana nendawo yempi, inhloko-dolobha yesizwe esihlukene kakhulu.
Ngakho-ke, Donald Trump, abantu baseNingizimu Afrika bajoyina umhlaba wonke ngokuthi: “Hamba!”