Halala Ntombi! Abagxeki abawuvali umlomo ngomsebenzi omuhle kaThuso

Sekuphele amasonto manje, uMzansi ulindele uhlelo olusha lukaThuso Mbedu lukamabonakude i-The Underground Railroad. Lo mbukiso uthathwe kwinoveli kaColson Whitehead esewine izindondo enegama elifanayo.

UThuso uqophe umlando njengomlingisi wokuqala waseNingizimu Afrika ukuthola indawo ephambili emdlalweni owuchungechunge waseMelika.

Akucinanga nje kuphela ngokuthi imikhiqizo emikhulu efana ne-Cadillac iphume izosekela lesi sihlabani somlingisi, kodwa udlale indawo kaCora Randall kahle kakhulu kangangokuba ngisho nabahamba phambili e-Hollywood kudingeke ukuthi batshele umhlaba ngethalente lakhe elimangalisayo.

Esinye sezincomo siqhamuke kumethuli wezinhlelo ongusomabhizinisi odumile emhlabeni u-Oprah Winfrey. UMama O njengoba aziwa ngalezi zinsuku uncome ukulingisa kukaThuso, “njengokuba seqhophelweni eliphezulu”. Ubuye wengeza ngokuthi izinto ezinhle kuphela ezizolandela lesi sihlabani saseMzansi.

Isihlabani sethu siphinde savela kwikhava yaso yokuqala yephephabhuku yaseMelika, i-Emmy Magazine futhi nabantu abawuvali umlomo ngayo.

Uchungechunge oluneziqephu eziyi-10 lubizwe ngokuthi “lunzima ukulibuka futhi lujulile, kodwa luseqophelweni eliphezulu” ngabagxeki kanye nabalandeli ngokufanayo kodwa akunakuphikwa ukuthi wonke umuntu uwuthandile umsebenzi kaThuso.

Uhlelo lwakumabonakude olusezinkundleni zokuxhumana futhi oluyiwebhusayithi ekala amabhayisikobho i-Rotten Tomatoes, inikeze lo mbukiso amaphesenti angama-97 kwayi-100 okuyisikalo esinzima ukusithola njengoba amaphuzu ancike kuzibuyekezo eziningi zababukeli. I-Rolling Stone Magazine inikeze lo mdlalo isilinganiso esingu-⅘ kanti nephephandaba laseMelika i-A.V. Club inikeze uchungechunge u-A futhi yancoma ukusebenza koMqondisi uBarry Jenkins ngokuthi “kuyamangalisa”.

NjengoMama O, asisakwazi ukulinda ukubona ukuthi yini enye ezowenziwa nguThuso ngokuzayo kodwa siyazi ukuthi uzosenza sonke siziqhenye nakakhulu. Halala ntombi!

Umthombo wesithombe: Amazon

Izihloko zakamuva