Gqoka isifonyo, Sho Madjozi – izingane ziyabuka

Mmaditaba

I-Covid-19 ngokungangabazeki ithinte izimpilo zawo wonke umuntu, kubalwa nabaculi, kodwa yimuphi umyalezo othunyelwa osaziwayo bethu ngesikhathi sobhubhane lomhlaba wonke?

Ngokuvalwa kwemicimbi eNingizimu Afrika, abaculi baseNingizimu Afrika sebephendukele emazweni angomakhelwane ukuyonandisa. Okuyinto enhle leyo – kepha ziphi izifonyo zenu bafwethu?

USho Madjozi ubese-Tanzania cishe isikhathi esingangenyanga – ethwebula okuqukethwe okumangazayo futhi ephila impilo yakhe engcono kakhulu – kodwa siphi isifonyo sakho Sho?

UCassper Nyovest naye ubese-Zanzibar eshintsha amakhono akhe adumile okudansa ngamabhodlela esimthanda uma ewenza. Kodwa Cass: siphi isifonyo?

Omunye umculi oyi-Focalistic ocule e-Kenya ekuqaleni kwenyanga esixukwini esikhulu kakhulu ebesingazifakile izifonyo.

Osaziwayo bahlala bethi abacelanga ukuba yizibonelo kodwa ukuba ngosaziwayo kuza nodumo. Ngenkathi uSho Madjozi eshintsha isitayela sezinwele, nazo zonke izingane zenza njalo. Uma ethula ulayini omusha wezingubo zokugqoka, izingane Kuba yizona zokuqala eziba kulowo layini.

Asiceli ukuthi bayeke ukuziphilisa – akunjalo, izikhathi zinzima. Asibaceli ukuthi becule befake izifonyo uma bebodwa esiteji. Kepha kungani isixuku esisezinyaweni zakho singasigqokile isifonyo?

Ezweni, ikakhulukazi e-Tanzania, lapho kunenkinga yokuphika le nkinga yomhlaba, asikuceli ukuthi ube yizibonelo, sithi  nje unakekele impilo yakho, noma ukhiphe ukungaziphathi kahle kwakho ezinkundleni zokuxhumana. Izingane ziyabuka.

Umthombo wevidiyo: @ShoMadjozi

Izihloko zakamuva