Dylan Bettencourt
Imiphakathi ezweni lonke ihlangene ukuvimba ukuphangwa okuqhubekayo nokuzivikela.
E-Tembisa, umphakathi wase-Birch Acres uphume ngamakhulu ukujoyina Amaphoyisa kaMasipala, esebenzisa imizimba yabo njengothango olukhulu ukuvimbela ukungena ezitolo zabo ezinkulu nakumabhizinisi amancane.
“Silapha ukuzovikela okungokwethu,” kusho ilungu lomphakathi.
Ilungu lomphakathi litshele i-City Press ukuthi abaphangi bebelokhu bezama ukucekela phansi inxanxathela yabo futhi ngeke bakuvume lokho.
“Sifike lapha kusukela ezintathakusa futhi sizohlala lapha silekelele amaphoyisa nganoma iyiphi indlela.”
E-Cosmo City abesilisa ababalelwa kuma-20 bebelokhu begade izikhungo ezahlukene zezitolo selokhu kuqale izidubedube.
UThulani Magagula uthe abaphangi bashise amathayi eduze kwendawo yabo.
“Sicabanga ukuthi bebezama ukubona ukuthi bazokwazi yini ukusithusa, kodwa sicishe umlilo sabaxosha,” kusho uMagagula.
EKZN, abantu base-Port Shepstone basebenzisane nabakwa-South African Police Service (SAPS) nezinkampani ezahlukahlukene zonogada abazimele ukuphambukisa isixuku sabaphangi ababalelwa kuma-400.
Osomabhizinisi bendawo kule ndawo nabo bame ngobumbano nemizamo yokuvimbela omunye umonakalo emphakathini obunemakethe nenxanxathela yezitolo ephangiwe yashiswa.
Inhlangano yamatekisi i-Molejijie Taxi Association kanye ne-Polokwane-Seshego Taxi Association e-Limpopo zihlangene ukuvikela isizinda samabhizinisi sase-Polokwane.
Okhulumela imiphakathi e-Moletjie, uNoko Mokwatedi utshele i-Pretoria News ukuthi banabantu abampofu abasebenza ezitolo abagibela amatekisi ethu nsuku zonke.
“Le yindlela esiziphilisa ngayo. Kufanele sikubeke eceleni ukungezwani kwethu futhi sibumbane ukuze silwe nalezi zigebengu,” kusho yena.
I-Diepsloot Residents ‘Association iyaqhubeka nomsebenzi wokungena imizi nemizi ifuna ukuthola izinto eziphangwe enxanxatheleni yezitolo eseduze.
UNobhala kasoseshini u-Akim Zulu uthe balunywe indlebe ngoLwesibili ekuseni mayelana nokuthi zikuphi izinto ezebiwe.
Umthombo wesithombe: @CityPress