Ezokufuduka kwabadlali kuleli naphesheya

Joyina uRazeen Gutta embikweni wamasonto onke wamadili amakhulu okudayiswa kwabadlali enzeka eNingizimu Afrika naseYurophu.

Kubikwa ukuthi isihlabani sebhola uCristiano Ronaldo usecele ukushiya i-Manchester United, kanti kungase kungene uChristian Eriksen esikhundleni sakhe, osevume inkontileka yeminyaka emithathu naleli qembu. Nazi izindaba zakamuva zezivumelwano zokudayiswa kwabadlali.

EYurophu

Kubikwa ukuthi uRonaldo unikezwe imvume yokungalubhadi uma i-Man United izilolonga, njengoba efuna indlela yokuphuma e-Old Trafford. Sekuvele imibiko eminingi ethi lo mdlali (37) akeneme ngendlela iqembu elenza ngayo ohlelweni lokudayiswa kwabadlali.

Lo mdlali wase-Portugal usasalelwe unyaka enkontilekeni yakhe nama-Red Devils, kodwa njengoba leli qembu laseNgilabdi lingekho kwi-Champions League, kubonakala sengathi kungenzeka ukuthi lo mdlali ashiye kulo.

Ngokombiko we-The Athletic, uRonaldo ufuna ukudlala ezingeni eliphezulu kakhulu, kanti uma imibiko ekhona eYurophu iyiqiniso, i-Bayern Munich, i-Chelsea, i-PSG kanye ne-Barcelona bayamfuna.

I-Manchester United ithathe kancane ewindini lokudayiswa kwabadlali uma iqhathaniswa namaqembu ayisithupha ayizimbangi zayo ezinkulu. Kodwa-ke, ivumelene ngenkontileka yeminyaka emithathu yokusayinisa uChristian Eriksen – ngemuva konyaka lo mdlali wase-Denmark ephathwe isifo senhliziyo ngesikhathi se-European Championships futhi ededelwe iqembu lakhe lakudala i-Inter Milan.

I-United isivele yasheshisa uhlelo lwayo lokudayiswa nokuthengwa kwabadlali futhi isimemezele ukusayinisa umdlali wasemuva wase-Dutch uTyrell Malacia. Lo mdlali (22), osayine ngo-£13 million (u-R260 million) kuleli sonto, uzoba ingxenye yezinhlelo zika-Erik Ten Hag zesikhathi esifushane kanye neside.

Kwenye indawo eNgilandi, kubikwa ukuthi i-Arsenal ifuna iqembu elingathenga uNicolas Pepe. Inkontileka yakhe nama-Gunners isasalelwe iminyaka emibili. Kodwa-ke, intshisekelo kaMikel Arteta yokusayinisa uRaphinha we-Leeds United iphakamisa ukuthi lo mdlali (27) kungenzeka angabibikho ezinhlelweni zakhe zesizini entsha.

Khonamanjalo kwi-Juventus, uMatthijs de Ligt kulindeleke ukuthi adayiswe ngemali elinganiselwa ku-£100 million (u-R2 billion), kanti i-Chelsea ne-Bayern Munich bakhombise intshisekelo ngalo mdlali wase-Dutch.

Kubikwa ukuthi iqembu likaThomas Tuchel yilona elifuna lo mdlali kanti kuthiwa uDe Ligt ufunwa ama-Blues.

ENingizimu Afrika

Ezindabeni zakuleli, isithandwa sabalandeli beKaizer Chiefs uSamir Nurkovic, uselishiyile leli qembu. Njengoba edlalele leli qembu lase-Soweto amasizini amabili edlule ephazanyiswa ukulimala, lo mdlali odabuka e-Serbia udalulwe ngokusemthethweni njengomunye wabadlali abasha abasayiniswe iRoyal AM, kanti kuthiwa usayine inkontileka yeminyaka emibili naleli qembu.

E-Soweto, sisuka kwiChiefs sibheka kwiPirates, kuthiwa iPirates ifuna u-Oscarine Masuluke. IPirates idedele onozinti  ababili uWayne Sandilands kanye no-Elson Sithole ngenyanga edlule kanti uma imibiko iyiqiniso, lo mdlali weBaroka nguyena ozovala lesi sikhala.

Usihlalo weBaroka uKhurishi Mphahlele useveze ukuthi lo mdlali (29) akakadayiswa. Kodwa-ke ngemuva kokwehliswa kweqembu kwi-PSL, ukuyodlalela iqembu lase-Soweto kungase kube yilokho okufunwa uMasuluke.

Umthombo wesithombe: @PSGTTalk

Izihloko zakamuva