Ezokhetho: I-Rise Mzansi igcwale imigwaqo yaseKapa

I-Scroll.Africa ikulethela konke odinga ukukwazi ngaphambi kokhetho lwangomhlaka-29 kuNhlaba.

IRise Mzansi – Izinkulungwane zabalandeli beRise Mzansi bamashe behla ngoHanover Street edolobheni laseKapa zilibhekise eShayamthetho sesifundazwe saseWestern Cape ngoLwesithathu zefuna usizo emiphakathini yabantu abamnyama namakhaladi. Uhulumeni oholwa yi-DA usolwa ngokugxila ezindaweni ezihlala abamhlophe ekubeni abamnyama namakhaladi behlala ezindaweni ezingcolile eKapa. “Uhulumeni oncisha abantu izidingongqangi unguhulumeni ongenandaba. Simi nazo zonke izakhamizi zakulesi sifundazwe ebezinganakiwe uhulumeni we-DA,” kusho umholi weRise Mzansi uSongezo Zibi.

I-DA – Umholi weqembu uJohn Steenhuisen usethembise abalimi baseNorthern Cape ukuthi i-DA ihlela ukwethula umsebenzi wamaphoyisa ngobuchwepheshe be-drone ukuze ilandelele ukwebiwa kwemfuyo. “Ubuchwepheshe be-Drone manje sebushintsha umsebenzi wamaphoyisa ezindaweni zasemakhaya. Kumele sibhekane nokwebiwa kwemfuyo nokuhlaselwa kwamapulazi,” kusho uSteenhuisen.

I-IFP – UThami Ntuli oqokelwe esikhundleni sokuba nguNdunankulu we-IFP KwaZulu-Natal uqinisekile ukuthi iqembu lisendleleni yokugudluza i-ANC esifundazweni. Uthe okhethweni lwango-2021 lapho bathola khona omasipala abaningi futhi bawina amawadi abephethwe yiqembu elibusayo ngokomlando kanti lokhu kuyizinkomba zokuthi iqembu lakhe lizodla umhlanganiso.

I-ANC – UMengameli uCyril Ramaphosa uhambise umkhankaso we-ANC eKamhlushwa Stadium eMpumalanga ngoLwesithathu. URamaphosa uphushe okokugcina ngaphambi kwerali ye-ANC ebizwa ngeleSiyanqoba e-FNB Stadium ngoMgqibelo. IPhini likaRamaphosa, uPaul Mashatile ubekhankasa eLephalale Shopping Centre esifundeni saseWaterberg eLimpopo, lapho ehlangane khona nomphakathi, ehambisa izikibha ze-ANC nezigqoko. Izinkulungwane zabalandeli bophiko lwentsha ye-ANC zimashele ukulwa nobugebengu elokishini laseSoshanguve ngaphandle kwasePitoli. Indawo engaphansi komfelandawonye oholwa yi-DA ephethe iDolobha laseTshwane ibone ukwanda kwamacala abucayi nanodlame, okubalwa awokubulala nokudunwa kwezimoto, masonto onke. UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele usejube uphiko olukhethekile lwamaphoyisa azogasela ezindaweni ezahlukene kuleli lokishi ashaqe izibhamu ezingekho emthethweni.

I-EFF – Unobhala weqembu uMarshall Dlamini usevuselele umkhankaso weqembu eKZN. I-EFF imashe eThekwini ngoLwesibili lapho bekubukiswe khona amavolontiya angaphezu kuka-10 000. Iqembu lithole amavoti angaphezu kuka-350,000 eKZN okhethweni olwedlule.

Isithombe esingenhla: Abalandeli be-Rise Mzansi eWestern Cape.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva