USbongile Nonyana ukulethela izindaba zakamuva zobugebengu ezenzeka eNingizimu Afrika.
E-Potchefstroom – Amaphoyisa abophe abantu abayisishiyagalombili kulandela isigameko esinodlame sobulungiswa esigodini sase-Magogong. Abasolwa, abesilisa abayisikhombisa nowesifazane oyedwa abaneminyaka engu-29 kuya kwengu-45, kusolakala ukuthi bahlasele umelaphi wendabuko ngemuva kokutholakala kwesidumbu sentombazane encane emgodini ngomhlaka-20 kuMfumfu. Ngemuva komngcwabo wentombazane, amalungu omphakathi asole umelaphi wendabuko ngalesi sigameko. Kubikwa ukuthi leli qembu lithumbe laphinde lashaya indodana yomelaphi wendabuko ngaphambi kokuthungela umuzi wakhe ngomlilo. Umelaphi wendabuko uye waphunyula emlilweni kodwa wabulawa yiqulu labantu. Abasolwa bavele eNkantolo yeMantshi yase-Taung ngomhlaka-28 kuMfumfu.
E-Polokwane – Amaphoyisa ase-Limpopo abophe uLatifa Adams (64) noKoashik Ishra Mistry (54) ngokudayisa imithi engekho emthethweni yenani lika-R43,000. Amaphoyisa athe laba ababili abakwazanga ukubanikeza amaphepha abavumela ukuthi bakhiphe noma bazidayise lezi zinto. Bavele eNkantolo yamacala ezohwebo e-Polokwane, lapho abanikezwe khona ibheyili ka-R5 000 umuntu ngamunye. Icala lihlehliselwe kumhlaka-27 kuLwezi ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
E-Welkom – Amaphoyisa athungatha amadoda amahlanu abambe inkunzi edolobheni ngomhlaka-15 kuMandulo. Abasolwa abebegqoke ama-ovaroli aluhlaza bangene esitolo bafuna imali kumnikazi. Babaleke nenani elingakadalulwa, kanti amaphoyisa asephume umkhankaso wokubathungatha.
E-Polokwane – UTinashe Mapuweyi (20) noRisca Malatji (29) bagwetshwe udilikajele iNkantolo eNkulu yase-Polokwane ngokubulala unogada uMasenyi Daniel Khosa (68) ngo-2021. Inkantolo ikhiphe esinye isigwebo seminyaka engu-15 ngecala lokubamba inkunzi. UMapuweyi uphinde wathola isigwebo sokuhlala kuleli ngokungemthetho. Laba bashiye uKhosa ngaphansi kukakhonkolo, isidumbu sakhe satholwa ozakwabo ngakusasa.
EPitoli – INkantolo eNkulu yase-North Gauteng igwebe owesifazane (23) iminyaka engu-25 ebhadla ejele ngokuhlela ukubulala umndeni wakwaMmakau ngo-2016. Ngesikhathi eneminyaka engu-15 ubudala, waqasha abazala bakhe ababili ukuba babulale umndeni wakhe. Ubaba wakhe owayeyiphoyisa, umama wakhe owayengumhlengikazi, udadewabo (19) obekhulelwe kanye nomfowabo (6). Yena nabazala bakhe balahlwe amacala amane okubulala.
EMadikana – Amaphoyisa ase-Limpopo athungatha umsolwa ecaleni lokushona komfundi (16) obefunda ibanga leshumi wase-Mohodi. Isidumbu sakhe sitholwe ehlathini ngomhlaka-19 kuMfumfu singenawo amanxeba abonakalayo. Umuntu wokugcina obonwe nomgilwa isakhamuzi sasesigodini sase-Koning Krans.
Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa.
Umthombo wesithombe: File